INTOKAZI yaKwaMnqobokazi, eHluhluwe, uNksz Thando Gumede, ulibangisa eThailand ngoDisemba 3 emuva kokudla umhlanganiso emqhudelwaneni wamazwe ngamazwe, iMiss Dot Africa 2022 Seed Awards.
UNksz Gumede (29) ongumsunguli nesikhulu senkampani yezobuchwepheshe kuleli iBSG and Technologies , uthe uzohambela imicimbi emibili, oseBangkok nozoba sePataya.
Uthe kulesi sicoco uqumbe phansi intokazi yaseZimbwabwe ephume isibili kwathi isithathu salalwa ngeyaseBotswana.
"Ngithanda ukubonga bonke abantu abangesekile kulolu hambo lweSayensi nezobuChwepheshe."
Uthe wangenela lo mqhudelwano emuva kokwaziswa ngawo ngomunye wabangani bakhe nyakenye "Akubangalula kodwa bekuwumqansa njengoba bekudingeka umuntu adlule kwinhlolokhono ehlukahlukene futhi aphendule imibuzo ezigabeni ebengedlula kuzo."
Uthe nakuba bekunzima kunjalo kodwa ukwazile ukuqwaqwada bonke abeqhudelene nabo.
"Ngiphumele ukuba nguMiss Dot Africa Digital 2022 maqede ngakhala ngemuka noxhaxha lwemiklomelo okubalwa kuyo owovakashela amanye amazwe." Phakathi kweminye yemiklomelo ezuzwe wuNksz Gumede kubalwa uqeqesho lwamasonto ayisithupha phesheya kwezilwandle, ukucijwa ngomunye wongoti waphesheya emkhakheni wezobuchwepheshe, ukuhambela phesheya eyohlanganyela nabanye abake banqoba lo mqhudelwano ngenhloso yokufukulana ngolwazi, ukuthola usizo ukuze iphupho lakhe (lokufukula intsha yasemakhaya) lube yimpumelelo nokukhangiswa imithombo yezindaba yaphesheya kwezilwandle.
UNksz Gumede uthe lokhu kuhlabana kusho lukhulu kuye, ikakhulukazi njengoba bekunzima kuye ukuqhuba lomsebenzi engenayo nendibilishi.
"Ukuqhubekela phambili sengizokwazi ukweseka abantu basemakhaya ngezinsiza ezifanele endaweni yokusebenzela esezingeni elifanele."
Ngemininingwane egcwele, kungangenwa ku:
https://missdotafrica.digital/apply-now/2022-miss-africa-digital-seed-fund-winners/