UMHOLI webandla iNew Nazareth Baptist Church, uMfundisi Mthembeni Mpanza, ukhwele wadilika kuNyazilwezulu, ethi alwazi lutho ngobuNazaretha futhi selumhlubukile uNkulunkulu, lingenwe wumoya wobuSathane.
Entshumayelweni yakhe uMfundisi Mpanza, uthe isenzo sokuthi uNyazi luzibize ngoNkulunkulu kuphambene nobuNazaretha. Lokho uthe kudalwa wukuthi kwalandwa umuntu owayeziphilela impilo yakhe eMlaza, wenziwa umholi ngoba ezalwa wumholi uThingolwenkosazana.
Uthe ngisho kubaholi abangaphambili bakwaShembe akekho osake wathi unguNkulunkulu.
“Leli bandla akulona ngisho elikaShembe. UNyazi alubuqondi ubuNazaretha ukuthi buyini futhi selumhlubukile uNkulunkulu ngokuzibiza ngaye kodwa lucashe ngesibongo sakwaShembe. Ngeke sizwe ngoNyazi noMvangeli walo uMdluli abangenzisi kwamakholwa,” kusho uMfundisi Mpanza entshumayelweni.
Ethintwa uMfundisi Mpanza, uthe yena umele ubuNazaretha ngeke avume umsebenzi kaNkulunkulu udicilelwe phansi.
“Selungiphendulile uNyazi ngale ntshumayelo yami kodwa ngisazolucacisela ngobuNazaretha, abulubuqondi ukuthi buyini. Nginelungelo lokulwela ubuNazaretha njengoba nami ngizalelwe khona kwaShembe. Umama wami wakhuliswa wuMphrofethi uMqaliwendlela njengesingamzali. Nami ngazalelwa khona. Ngisho umama esephuma eyogana, waphumela kwaShembe ngoba wayeseyindodakazi yakhona.
“Nami ngikhule ngangena kuzona zonke izinhlaka zokuhola ibandla kwaShembe. Nginelungelo lokuthi ngilwe uma ngibona umuntu engcolisa ubuNazaretha. Ngeke ngithule uNyazi lubheda. Kumanje luthi ngilwa nalo ngoba linabalandeli abaningi. Mina ngazi ukuthi amakholwa kaNkulunkulu lawa, akubona abalandeli ngoba asikho ebholeni ebuNazaretheni,” kusho uMfundisi Mpanza.
Uthe usazoluphendula futhi uNyazi ngenye intshumayelo elichazela ngaye nobuNazaretha futhi ufuna ukusiqondisa isenzo salo.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe uyizwile intshumayelo kaMfundisi uMpanza.
“UMfundisi uMpanza simhlonipha kabi kodwa sicela aphume ezintweni zaseBuhleni. UNyazi lungenwe wumoya kaNkulunkulu. Olukushoyo kusuke kungenxa yomoya olungenile. Ngisho nomuntu uma engenwa yidlozi uqala engumuntu ojwayelekile kodwa agcine esebizwa ngomakhosi ngenxa yomoya osuke umngenile. Umfundisi akagxile ezintweni zebandla lakhe, aphume kwezaseBuhleni. Siyamcela uMpanza ehlise umoya anake ezebandla lakhe,” kusho uMncwabe.
UMfundisi uMpatha uthe impela ngeke ayeke kudlalwa ngobuNazaretha ngoba lokhu okwenziwa wuNyazi kungukuphosela uNkulunkulu inselelo.