Owayeyisilomo somdlali weBanyana Banyana uPortia Modise uthi ukhonjwe ngezibhamu waphucwa imoto yakhe iVW Golf 5 ngaphandle kwalapho ehlala khona ebusuku ngoMgqibelo.
UPortia ofake i-video ekhasini lakhe lika-X ngeSonto elandisa ngokwenzekile.
“Angiphathekile kahle bafowethu. Izolo ngesikhathi ngibuya ekhaya la engihlala khona, kunabantu besilisa abangamaZulu abambalwa okungabafana abancane nje. Ngikhonjwe ngezibhamu ngaphucwa imoto esangweni lasekhaya,” kusho uPortia ogcine engacacisanga ukuthi uhlala kuphi.
I'm not ok.. I was hijacked.. pic.twitter.com/ykf02hH7M7
— PortiaBashinModise (@modiseportia12) July 7, 2024
Uthe wenza i-video ukuze noma ubani ongabona imoto yakhe iGolf 5 eluhlaza iKX 16 GP-GP okwesibhakabhaka ukuthi amsize amthinte.
“Angiphathekile neze kahle kodwa ngibonga impilo ukuthi ngemuva kokukhonjwa ngezibhamu ngithathelwa imoto kodwa akukho okwenzeke kimi,” kusho yena.
Muva nje kusanda kudunwa imoto obengumdlali weKaizer Chiefs, uLuke Fleurs esigamekweni abulawa kuso. ULuke wayedunwa imoto yakhe iVW Polo kwelinye lamagaraji eGoli wagcina ngokudutshulwa.
Yes pic.twitter.com/owREV4twi1
— PortiaBashinModise (@modiseportia12) July 7, 2024