KULINDELEKE ukuthi luqale ngesonto elizayo uhlelo lokuncishiswa kwamanzi eThekwini ngenhloso yokuwonga.
Lokhu kudalulwe yiMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba esithangamini nabezindaba izolo, eThekwini, lapho idalule nokuthi ukunciphisa ukuhlinzekwa kwamanzi kwenzelwa ukuthi ehlezi ekhona uma kwenzeka kufika isikhathi sesomiso noma kuna imvula encane.
Ekhuluma nabezindaba, uthe uhlelo lokuncishiswa kwamanzi oluzoqala ngo-Okthoba 10, luzoqhubeka izinyanga ezingu-12.
“Izakhamuzi ziyanxuswa ukuthi zonge amanzi ngoba kunesikali samanzi esibekelwe Umgeni-uThukela Water angahlanzwa noma adonswe ohlelweni loMgeni-Water System. Lokhu kwenza ukuthi amanzi angapheli ahlezi ekhona ngisho nangezikhathi zemvula encane kunalena ejwayelekile,’ kusho uXaba.
Uthe uma singekho isikali samanzi esibekiwe, ngeke idolobha libe namanzi anele.
“Uma uMgeni-Uthukela Water uthatha isinyathelo sokunciphisa amanzi kancane kancane njengoba kuhleliwe, umsebenzi wokuhlinzeka amanzi uzoqhubeka uzinze ngisho noma kunemvula encane. Umnyango kazwelonke wamanzi nokukhucululwa kwendle ukhiphe umyalelo wokuthi kuncishiswe amanzi adonswa ohlelweni loMgeni-Uthukela ukuthi abuyele esikalini esigunyaziwe,” usho kanje.
UXaba uthe kudingeke ukuthi uhlelo lokuncishiswa kwamanzi lwenzeke kancane kancane ezinyangeni ezingu-12 ezizayo.
Uveze ukuthi isilinganiso samanzi esidonswe kuMgeni-Uthukela Water ezinyangeni ezingu-12 ezedlule siwu-1 406 mega litres ngosuku.
IMeya iveze ukuthi ngokomyalelo woMnyango wezaManzi lesi silinganiso kumele sehliswe sibe ngu-1 287 mega litres ngosuku, ukuze uMgeni-Uthukela Water uhambisane nelayisensi yawo.
Umasipala uveze ukuthi ukuze wenze isiqiniseko sokuthi izakhamuzi azithikamezeki kakhulu, uzofaka okokulawula ukuphuma kwamanzi emamitheni. Uzofaka amamitha kumakhasimende angenawo. Uzosheshisa ukulungiswa kwamapayipi avuzayo ngokuthi kusetshenziswe abalungisa amapayipi abaqhamuka emawadini ehlukene.