ISANTACO KwaZulu-Natal ikhuthaze osomatekisi ukuthi basebenzise izinhlaka nemigudu yangaphakathi embonini yamatekisi ukuxazulula izinkinga kungaze kukapakele emiphakathini.
Lokhu kuza emuva kwemibhikisho ebinodlame ezingxenyeni ezehlukene esifundazweni.
UMphathi weHhovisi leSantaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, uthe osomatekisi kumele bakhanyiselwe ukuthi imboni isebenza kanjani
“Uma ningaboni ngaso linye akumele uyogovuza umphakathi ningene emgwaqweni ekubeni wazi kahle ukuthi kusetshenzwa kanjani. Uma kunenselelo, asisombulule izinto ngemigudu okuyiyona yona esikwazi ukuphila ngayo kwezokuthutha,” kusho uShangase.
Usho kanjena nje ibibambene ngezihluthu embonini yamatekisi phakathi kososeshini bamatekisi oLundi nasoPhongolo.
UShangase uthe abathole ukuthi kususe udweshu wukuthi bekukhona osomatekisi abebefuna ukusebenzela ngasemakubo ngaphandle kokulandela imigudu efanele. Uthe embonini akusetshenzwa kanjalo kunemithetho eyilawulayo okumele ilandelwe.
“Kukhona abebefaka amatekisi abo ngenkani bethi akukwazi ukuthi ngasemakubo kusebenze abantu bakwezinye izindawo. Bese kuba nososeshini ababili abebefuna ukusebenza ngenkani,” kusho uShangase.
UShangase uthe umuntu ofuna ukufaka itekisi kusoseshini kumele aqale abheke ukuthi sikhona yini isikhala bese efaka isicelo.
Uqhube wathi uma kuvuleka izikhala uyafakwa lowo asebenze.
Imibhikisho yangenyanga edlule iphoqe iSantaco ukuthi ithathe isinqumo sokuthi ngoSepthemba ihambele zonke izifunda zamatekisi eKZN, ikhulume nabemboni yamatekisi emazingeni aphansi kososeshini.
Isola ukuthi izinqumo ezithathwa abaholi ezingeni lesifundazwe azifiki kososeshini okungenye yezinto ezidala udungunyane.
UMnyango wezokuThutha eKZN uthe uzosiqapha ngeso lokhozi isimo kuleya ndawo usebenzisana neSantaco.
Umnyango uthe umdonsiswano obusudonse iminyaka emibili ugcine sewuba umbhikisho womphakathi kwavalwa imigwaqo eMayiwane, oLundi ngenyanga edlule.