UMMANGALELWA wokuqala ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, uMuzikawukhulekwa Sibiya, uyiphikile inyanga okuthiwa waya kuyona emuva kokubulala umufi eyoyibikela efuna amakhathakhatha.
Kushushiswa abalisa abahlanu abawaphikayo bonke amacala abathweswe wona. Abameli bagibeze ummangalelwa wokuqala uSibiya ebhokisini njengoba kubangwa ukuthi ngabe abamangalelwa bazivumela ngokuthanda yini amacala noma baphoqwa abaphenyi. USibiya uthi amaphoyisa ayemshaya emvumisa ngenkani icala lokubulala uMeyiwa.
UMbuso uthi unobufakazi bokuthi uSibiya waya enyangeni ewuMnuz Lionel Robert Zwane, enesigodlo ePalm Ridge wafike wayitshela ukuthi ubulele umuntu ufuna usizo lwayo. UMbuso uthi ngesikhathi uSibiya evuma icala wathatha amaphoyisa wayowakhombisa inyanga.
UMshushisi woMbuso u-Advocate Ronnie Sibanda ubuze uSibiya ngenyanga ayisa kuyona amaphoyisa kodwa wayiphika.
“Ubufakazi buveza ukuthi imoto yamaphoyisa owawukuyona wena yahamba yafika ngakoPalm Ridge lapho owawuyokhomba khona uZwane. Ubufakazi bukaSergeant Mokgola buthi wabayisa enyangeni wena. Kungabe awusakhumbuli noma aniyanga nhlobo? ” kubuza uSibanda.
USibiya emuva kokuthi ephike okokuqala uphinde waphika sakugcizelela ethi akayazi inyanga okukhulunywa ngayo.
“Nkosi yenkantolo angimazi lowo muntu angikaze ngikhombe muntu mina,’’ kusho uSibiya.
Phambilini uMbuso wambiza uZwane enkantolo wavuma ukuthi uyinyanga futhi uSibiya ubevamile ukufika kuyena efuna amakhathakhatha enhlanhla. UZwane watshela inkantolo ukuthi uSibiya wafika kuyena emazisa ukuthi bathe beyozama kwase kufa umuntu ucela usizo.
Wathi ngesikhathi efika wayehamba nabanye abalisa okukholakala ukuthi abanye aboshwe nabo okuthiwa wayenabo esigamekweni.
UZwane futhi wavuma ukuthi amaphoyisa afika kuyena ehamba noSibiya ezowakhombisa yena njengenyanga akhendla kuyona.
Inkantolo yabuye yezwa ubufakazi bokuthi ngesikhathi amaphoyisa ebheka ucingo lukaSibiya ayithola inombolo kaZwane ibhalwe ngegama elithi Mkhulu.
Icala liguqele ukuthi liqhubeke namuhla lapho abameli kulindeleke ukuthi babize ufakazi thizeni.