KUNGAKAPHOLI maseko kuphele isiteleka sodokotela abangaqashiwe abebeqhinqe ehhovisi likaMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal befuna ukuqashwa, ngoMsombuluko osokhemisi bagasele emahhovisi abaphathiswa bezempilo ezweni lonke befuna ukuqashwa.
Osokhemisi bathi uMnyango wezeMpilo wagcina ngo-2015 ukulandela uhlelo oluyilo lokuqasha osokhemisi abasuke sebephothule izifundo zabo, baze baqeqeshelwa umsebenzi ezikhungweni zikahulumeni.
UMnuz Sandile Nzuza ongomunye wosokhemisi abangaqashiwe, obehambise uhlu lwezikhalo ehhovisi likaMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe muva nje izikhala zosokhemisi ziyakhangiswa ezibhedlela bafake izicelo kungaqashwa muntu kuzo, kuthiwe izikhala ebezivulekile zimisiwe noma asisekho isidingo sazo.
"Ukukhangiswa komsebenzi kusuke kusho ukuthi isuke isikhona imali yokukhokhela lowo msebenzi obezoqashwa. Kwenzekani ngaleyo mali uma umnyango noma leso sikhungo sesithi umsebenzi asisekho isidingo sawo. Kuze kushiwo njalo nje kwenzekani ngezikhala ezivuleka ngokuthi kube khona osokhemisi abahambayo nabashonayo kusukela ngo-2015. Sekunesikhathi sikhuluma noMnyango wezeMpilo ngalokhu ngokubhala izincwadi singaphendulwa. Kulokhu sithathe isinqumo sokuthi sibe nemashi enokuthula ezoya kuwo wonke amahhovisi abaphathiswa bezempilo sethule uhla lwezikhalo zethu bese kuba nohla oluzoya eMnyangweni wezeMpilo kuzwelonke nakumengameli," kusho uNzuza.
Phakathi kwezikhalo osokhemishi bafuna ukuthi kuqashwe osokhemisi abangu-150 esifundazweni ngasinye njalo ngonyaka. Kuphinde kwamukelwe ososayensi abaqeqeshelwa umsebenzi njalo ngonyaka.
"Sifuna ukuthi kuqashwe osokhemisi abasha ezikhaleni zalabo abasuke bekhushulelwe ezikhundleni ngoba lezo zikhala zisuke zivele zikhona kwibhajethi yomnyango," kusho uNzuza.
Uthe bafuna ukuthi umnyango uphendule kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa uma ungaphenduli bazothatha ezinye izinyathelo.
" Siyazi ukuthi kunenkinga yokushoda kwemali emnyangweni kodwa osokhemisi babalulekile ezikhungweni zezempilo uma kukalwa imisebenzi yabasebenzi bezimpilo babalwa njengabenza umsebenzi obucayi. Ngakho akukwazi ukuthi bashiywe ngaphandle bangaqashwa ngoba umnyango uthi uqasha abasebenzi abenza imisebenzi ebalulekile kuphela," kusho uNzuza..
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli uMnuz Foster Mohale, uthembise ukuthi uzoyiphendula imibuzo athunyelelwe yona.