BAMCHAZE njengomuntu oyingozi emphakathini owesilisa wokufika okhalelwe amasongo kaSigonyela ngoLwesihlanu, ngezinsolo zokudlwengula abulale owesifazane ngoLwesithathu, eYellowood Park, eThekwini.
Isidumbu sikaNksz Amanda Phungula (19) wakuyo le ndawo, sitholwe onqenqemeni lomgwaqo uCoedmore, eduze kwesiqiwi, i-Kenneth Stainbank Nature Reserve ngoLwesithathu.
Ubulawa ngoLwesithathu nje, ubezogubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesihlanu.
Umndeni wakhe uthe waziswe amaphoyisa asesiteshini saseMontclair ukuthi abophe owokufika ngoLwesihlanu, okulindeleke avele enkantolo namuhla.
Ngokusho kukamalumekazi kamufi, uNksz Zethu Phungula, ngosuku abulawe ngalo umufi, ubehambe ekhaya eya ezitolo khona endaweni.
“Kwesinye isikhathi uye aziyele ezitolo emini, ehamba ngezinyawo ngoba kuseduze. Ngosuku lwesigameko, ngithole ucingo emaphoyiseni, ethi angiphuthume emgwaqweni uCoedmore, kumayelana no-Amanda,” kusho uNksz Phungula.
Uqhube wathi, uthe uma efika khona wazithela phezu kwenqwaba yezimoto zamaphoyisa nethephu yamaphoyisa izungeze indawo yesigameko.
Uthe amaphoyisa amtshele ukuthi umufi utholwe ebulewe, kwakhona abawanika inombolo yakhe njengowomndeni.
Uthe basola ukuthi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokuba abulawe ngokuklinywa, njengoba ibhulukwe abeligqokile, belibekwe ngaphezu kwesingezansi sesidumbu sakhe.
“Amaphoyisa asitshele ukuthi umufi utholwe umuntu obezidlulela, wase ewashayela ucingo,” kusho uNksz Phungula.
Uthe kuboshwe owesilisa wokufika emva kokuthi kukhona abavame ukuzihlalela ngasezitolo, abatshele amaphoyisa ukuthi bambone ehamba naye umufi, kwathi emva kwamahora ambalwa, bambona esebuya ehamba yedwa.
“Sifuna ubulungiswa ngesihluku abulale ngaso isithandwa sethu. U-Amanda ubengumuntu okhonze ukuzithulela, ubengafanelwe ukuthi abulawe ngesihluku esinje. Sisola nokuthi ubengaqali ukwenza lokhu umsolwa, ngakho akumfanele ukuhlala nomphakathi,” kusho uNksz Phungula.
Uthe abakholwa ukuthi bukhona ukudlelwano bokwazana obebukhona phakathi kukamufi nomsolwa njengoba umufi obengumuntu ongavamile ukuzihlanganisa nabantu kulandela isigameko sokuthunjwa kwakhe ngo-2020, eneminyaka engu-16.
Udalule ukuthi kuleso sigameko, umufi wadedelwa abathumbi emva kokusatshalaliswa kwezithombe zakhe sekuphele amasonto amathathu ethunjiwe.
Uthe ngaleso sikhathi kwavela ukuthi abathumbi babemgqume eMayville, kanti lelo cala lagcina liphelela emoyeni nokuyinto eyamlimaza kakhulu umufi emqondweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMontclair aphenya icala lokubulala kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane oneminyaka engu-19 emgwaqweni uCoedmore ngoLwesithathu.
“Isidumbu sakhe besibukeka sinamanxeba okugwazwa. Imbangela yokubulala okwamanje ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.
Nakuba amaphoyisa esho kanje, uNksz Phungula ukugcizelele ukuthi batshelwe ngumseshi ukuthi umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu ngaleli cala.