NKOSIKHONA CELE
UMFUNDISI osindisiwe, nodayisa ngamakhambi esintu uthi sesifikile isikhathi sokuthi abefundisi basemabandleni asindisiwe, bakhulume ngamakhambi esintu.
Le nceku esindisiwe nguMfundisi Musa Langa, ikhonza eThekwini Community Church, eliholwa nguMbhishobhi Vusi Dube.
ULanga ukholwa wukuthi baningi abazalwane abasindisiwe, abangasizakala ngezintshumayelo ezigqugquzela ukusetshenziswa kwamakhambi esintu. Wathi kumele bafundiswe abazalwane ngokuthi inyama iyakudinga ukwelashwa ngamakhambi athakwe ngabantu basemhlabeni ngoba lokho uNkulunkulu wayekade ekudale ngenhloso.
“Kakusilona nhlobo iphutha ukuthi uNkulunkulu wadala amahlamvu. Futhi akusilona nje iphutha ukuthi emhlabeni kukhona abantu abakwazi ukuthaka imithi yesintu,’’ usho kanje uMfundisi Langa.
Wathi ukholwa ukuthi konke okungaphansi komthunzi welanga, kwadalwa nguNkulunkulu ngenhloso. Uthe kumele aphele amahloni ebafundisini baqale bashumayele ivangeli lamakhambi esintu, kubazalwane.
“Okubuhlungu ukuthi baningi abantu abashonile ngoba bethi basindisiwe benqaba ukuthi basebenzise amakhambi esintu ngoba nakhu bebona sengathi ukwenza njalo, kuyisono,’’ kuchaza uLanga.
Umfundisi uzichaza njengoMphrofethi kaNkulunkulu, othunywe ukuthi azokwelapha abantu ngokusebenzisa amakhambi esintu. Uthe uyazi ngeke kube lula ukuthi abazalwane abasindiswe, bamukele inselelo.
Wathi akaqondile ukudukisa abantu kodwa ufisa abasindisiwe, bathole ukuphila ngamakhambi esintu. Wagcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi zihlonishwe izindlela zokwelapha zabomdabu wase-Afrika.