LUQALE kabi usuku emndenini wakwaMhlongo eMahekini, eNhlangwini namhlanje kubulawa ubaba wekhaya.
Kuzwakale ukuduma izulu lezandla ekuseni ngezithuba zabo-6 kanti oshayasibhamu sebeyagadla kuMnuz Shanela Mhlongo oyilungu elihlonishwayo lomphakathi.
UMhlongo uhlaselwe esanda kuphuma emzini wakhe ephuthumisa umzukulu esitobhini eyogibela ebheke esikoleni. Imoto yakhe ebibhokodwe ngenqwaba yezinhlamvu ibimi ejikeni elisezansi komgwaqo, isidumbu sakhe sidindilizile eduze kwemoto. Phansi bekunenqwaba yamagobolondo ezinhlamvu abalelwa ku-20.
Omakhelwane bathi kuzwakale kuqhuma isibhamu, bathi belunguza babona imoto emhlophe yohlobo lweToyota Fortuner ibhula izintuli ibaleka.
Isolezwe lifike endaweni yesigameko kugcwele amalungu omphakathi, umndeni kanjalo namaphoyisa.
Ukuhlaselwa kukaMhlongo kulandela izigameko ezimbalwa zohlobo olufanayo kuyo le ndawo nokwenza abantu bahlalele ovalweni. Ngenyanga edlule, buqamama nendawo yesigameko, kwahlaselwa insizwa yakwaNgema ngendlela efanayo. Ngenhlanhla yasinda kuleso sigameko yize kubikwa ukuthi kusengozi makhaza kuyona esibhedlela. Ngaphambi kokuhlaselwa kwale nsizwa yakwaNgema, kwakubulawe indodana kaMhlongo, uVela obengumshayeli wetekisi.
Indodana kaMhlongo yahlaselwa yabulawa ngoJanuwari, ngabasolwa ababili abebegibele etekisini ayeyiphuma edolobheni laKwaDukuza ebusuku.
Imibiko ithi laba basolwa babethi baya endaweni yaseMambedwini, walandula ukubalayisha okaMhlongo ethi ngeke afike khona uzophelela endleleni, abasolwa baphoqa ukugibela bethi bazosala endleleni bayincenge ngezinyawo indlela.
“Sisola ukuthi babefuna ukuba ngabokugcina etekisini ukuze bezomhlasela kahle kungekho muntu, kube sengathi uhlaselwe eMambedwini. Kwathi esenqaba ukuqhubeka nabo sekwehla abokugcina abagibeli, bamqeda ngenhlamvu khona lapho maqede babaleka ngonyawo,” kusho ilungu lomphakathi elicele ukuba igama lalo lingadalulwa ngoba lisabela impilo yalo.
Ikhansela lendawo eliyilungu lomndeni wakwaMhlongo, uMnuz Sihle Mhlongo, uthe kubadidile futhi kubathusile okwenzeke namuhla njengoba bekuyinto ebebengayilindele.
Uthe uMhlongo ngumuntu obesekhulile futhi ongajwayele nokuphithizela. Indawo avinjezelwe kuyo ebulawa ikhombisa ngokusobala ukuthi ubefana nomuntu ocushelwe umgoga.
"Sinzima kakhulu isimo kule ndawo yakithi, uma kuhwalala wonke omuntu wenza isiqiniseko sokuthi akabonakali emgwaqweni ngoba ukuhlaselwa kwabantu sekwaphenduka insalavukela.
“NgeSonto eledlule. kwahlaselwa umfana omncane, edutshulwa maqede washaywa wasala edindilizile okusolakala ukuthi abahlaseli babecabanga ukuthi ufile, kanti cha uzosinda," kusho ikhansela.
Uthi indlela esekubheduke ngayo udlame lwezibhamu kule ndawo, akulula nokuqagela ukuthi ngubani lo owenza okubi.
"Wonke umuntu uyasaba, ngisho noma ngabe kukhona umuntu obone okuthile uvele bathule nakho ngoba esabela impilo yakhe," kulandisa lona ikhansela.
Liveze ubuhlungu bokuhlaselwa kukamufi ngesihluku ehamba nomzukulu wakhe, labalisa ngobuningi bezimbobo zenhlamvu esivalweni semoto ohlangothini lwakhe umufi.
Liqhubeke lathi linethemba lokuthi amaphoyisa azobonakala eqaphe isimo kule ndawo ngoba ayakwazi okwenzekayo. Lithe yize bengakezwa lutho mayelana nophenyo lokubulawa kukaVela, linethemba lokuthi amaphoyisa azokwenza okulindelekile kuwo.
Kushaye izithuba zasemini umzimba kaMhlongo osasendaweni yesigameko, amaphoyisa abekhona nangagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, aveze ukuthi njengoba uMhlongo ebenetekisi futhi eyilungu likasoseshini waKwaMaphumulo, uphenyo luzothathwa wuphiko oluphenya amacala okubulawa kosomatekisi.