ONOGADA nabasebenzi abahlanza izakhiwo zikahulumeni basibise ngokukhipha i-IFP KwaZulu-Natal uma bengaqashwa ngokugcwele.
Onogada nabasebenzi abahlanza izakhiwo zikahulumeni bathe bazoyifundisa isifundo i-IFP okhethweni olulandelayo uma bengaqashwa ngokugcwele iminyango kahulumeni wesifundazwe.
Lokhu bakusho ngesikhathi benemashi abebeyibhekise ehhovisi likandunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu.
Laba basebenzi bathe bafuna ukuthi yonke iminyango kahulumeni wesifundazwe iqashe ngokugcwele onogada nabahlanza izakhiwo.
Bathe bafuna ukuthi kuqedwe uhlelo lwamathenda, zingavuselelwa izinkontileka zazo zonke izinkampani ezinikezwe amathenda okugada nawokuhlanza izakhiwo zikahulumeni.
Omunye wabasebenzi, uMnuz Elvis Mncwango, uthe uhlelo lwamathenda lucindezela abasebenzi.
UMncwango uthe abasebenzi bahola imali encane, wathi uhlelo lwamathenda lunothisa abanikazi bezinkampani.
Uveze ukuthi basebenza ezimweni ezinzima, wathi kujwayelekile ukuthi bangaholelwa ngesikhathi.
Usabise ngokuthi bazolwela ukuthi i-IFP ikhishwe KwaZulu-Natal uma kuze kufika ukhetho olulandelayo bengakaqashwa ngokugcwele.
UMncwango uthe bamtshela nowayengundunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ukuthi i-ANC angeke ibuyele emandleni uma bengaqashwa ngokugcwele ngesikhathi kubhekwe okhethweni lwangoMeyi.
“Sathi uma simtshela uNkk Dube-Ncube, waziqhenya, washaya izinqa. Uma uNtuli engase enze iphutha elifanayo naleli elenziwa uNkk Dube-Ncube, bazongena emgodini owodwa. Sizoyikhipha i-ANC njengoba sakhipha i-ANC. Nayo i-IFP sizoyilahlisa okwenyongo yenyathi. U-2026 (wokhetho lohulumeni basekhaya) ususeduze kakhulu.”
UMncwabe uthe ulaka lwabo bazolikhiphela nasemaqenjini abambisene ne-IFP kuhulumeni waKwaZulu-Natal.
I-IFP ibambisene ne-ANC, DA neNFP KwaZulu-Natal.
Obefunda uhlu lwezimfuno, uMnuz Cyril Gcwensa, uthe bafuna uhulumeni waKwaZulu-Natal uhloniphe isinqumo esathathwa ePhalamende labasebenzi ngo-2021 esithi azingavuselelwa izinkontileka zezinkampani ezinamathenda okugada nakuhlanza izakhiwo zikahulumeni.
“Sicela ukuthi iminyango kahulumeni isiqashe ngokugcwele futhi sicela ukuthi zingakhangiswa izikhala zemisebenzi ngoba sikhona vele, siyasebenza.”
Umbhikisho ubuxhaswe amaqembu ezepolitiki iMK, EFF ne-ActionSA.
Lamaqembu akhale ngokungafiki kukaNtuli ezokwamukela uhlu lwezikhalazo.
Owemukele uhlu lwezikhalazo, uMnuz Brian Ntuli, uxolisele uNtuli ngokungafiki kwakhe.
UNtuli uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi uhlu lwezikhalazo luyafika kuNtuli.
“Undunankulu uwumuntu olalelayo, ngiyathemba ukuthi nizoyithola impendulo yenu kulesikhathi enisibekile.”