KUKHULEKELWE izimo ezahlukene omama abazithola bebhekene nazo, engqungqutheleni yomama bebandla, Isibusiso IBandla leNkosi Baptist Church in Zion of Southern Africa.
Leli bandla belinengqungquthela yomama ebiseSoweto, eGoli ngempelasonto. Lingaphansi kobuholi buka-Archbishop Phumlani Dlamini ophinde abe ngusomabhizinisi.
Phakathi kwezinto ebeziseqhulwini ezikhulekelwe kakhulu kule nkonzo kubalwa ukukhulelwa kwamantombazane, ukwanda kwabantu abasha abangena ogibeni lwezidakamizwa, nezingqinamba ezikhinyabeza inhlalonhle emishadweni.
UNkk Nontobeko Dlamini, ongomunye wabebehamba phambili kulo mkhuleko, unxuse ukuthi omama bakhuleke bajule bathandazele ingwadla enkulu yokukhulelwa kwamantombazane.
Uthe ukholwa ukuthi uma omama bengakhuleka bagxile kakhulu emkhulekweni nakanjani uNkulunkulu angangenelela. Ukugcizelele nokuthi umkhuleko kumele uhambisane nokuqinisa nasezimfundisweni, omama babe neqiniso ezinganeni zamantombazane. Bawatshele amaqiniso empilo noma ngabe ababa kangakanani.
"Sinxusa uNkulunkulu ukuthi abe nathi ukuze sizokwazi ukuthi sibhekana kanjani nalesi simo. Iqiniso ukuthi liyonakala izwe lethu uma siqhubeka nokukhula isibalo samantombazane amancane akhulelwayo,'' usho kanje.
Uthe omama kungumsebenzi wabo ukuphebeza izinkinga ezahlukene ngomkhuleko.
Uthe uNkulunkulu uyabalalela abesifazane uma bekhuleka ngokweqiniso.
Ugcizelele kakhulu ukuthi omama kumele babumbane benze isiqiniseko sokuthi basebenzisa umkhuleko njengethuluzi nanoma yini ekhinyabeza inhlalonhle yasemindenini.
UNkk Gugulethu Dlamini ukhulume kabanzi ngokubaluleka kokuba omama bakhulekele isihlava sokwanda kwabantu abasha asebephenduke izisulu zezidakamizwa.
Ugcizelele ukuthi akukho nokukodwa okungenqotshwe uma kusetshenziswa umkhuleko ngendlela efanele.
Uthe kumqoka kakhulu nokuthi uma kukhulekwa, ingashiywa ngaphandle indaba yemindeni ukuze imishado izoma phakade ingazamaziseki kalula. Ubalule nokuthi kuba nzima ukukhulisa izingane uma umndeni vele usuqhekekile.
U-Archbishop Dlamini uthe kuleli bandla bayakholelwa kakhulu ophikweni lomama ngoba lunamandla okwenza izinto zenzeke lisebenzisa amandla omkhuleko.