OLAXAZE iDA, uMnuz Zwakele Mncwango, ungena ezintangeni uma ebuzwa ngamahlebezi athi uzojoyina i-ActionSA maduze. Kodwa ukhala ngencwadi kasihlalo we-DA Federal Council, uNkk Hellen Zille athi imshiyisile.
UMncwango usule ekubeni yilungu leDA ngempelasonto.
Usule kungakapheli ngisho isonto esule ekubeni yilungu leDA esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
NgoMgqibelo ebusuku umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodger, ukhiphe isitatimende lapho ebeqinisekisa ukushiya kukaMncwango enhlanganweni yabo.
URodgers uthe bayazi ukuthi uMncwango uzojoyina i-ActionSA maduze.
Uthe uMncwango uzomenyezelwa esikhundleni sokuba ngusihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal ingakapheli le nyanga.
Kepha uMncwango uthe ubengakasithathi isinqumo sokuthi uzojoyina yiphi inhlangano.
Uvumile ukuthi i-ActionSA ingelinye lamaqembu ezepolitiki axoxa nawo, kepha ubengakasithathi isinqumo.
“Kuningi okukhulunywayo ngokushiya kwami kwiDA. Kukhona abathi ngiya kwi-ANC, kukhona abathi ngiya kwi-IFP. Abanye bangikhomba kwi-ActionSA. Laba abakhulumayo bayaqagula.”
Umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba akazange ayivume noma ayiphike eyokuthi uMncwango uzojoyina inhlangano yakhe.
Akushilo wukuthi bazomemezela usihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal ngesonto elizayo.
UMncwango uthe ngaphandle kokuxoxa namaqembu ezepolitiki ushelwa yizinhlangano ezingenzi nzuzo nezizimele.
Uthe okwenze ukuthi agcine esulile kwi-DA wukuthola incwadi ephuma uNkk Zille, ebimyalela ukuthi angakhulumi kabi ngenhlangano kwabezindaba.
Uthe lokhu ukubone njengokucindezelwa kwamalungelo akhe.
Kepha uRodgers uthe uMncwango usesebenzisa incwadi kaNkk Zille njengehawu lokuvika, kade uMncwango akuhlela ukushiya iDA.