UMBIKO womcwaningi mabhuku usuthole okuningi okusolisayo ngendlela okusetshenziswe ngayo imali yokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula ezahlasela KwaZulu-Natal.
Umbiko wesikhashana womcwaningi mabhuku uthole ukuthi kukhona okunuka santungwana ngendlela okukhishwe ngayo amanye amathenda ezigidi zamaRandi okulungiswa kwezakhiwo zikahulumeni ezacekelwa phansi yizikhukhula zango-Ephreli.
Lokhu kuqukethwe embikweni owethulwe uMcwaningi mabhuku jikelele, uNksz Tsakani Maluleke, emhlanganweni wekomiti elibhekele ukusetshenziswa kwale mali, ePhalamende.
Umbiko kaNksz Maluleke uveze ukuthi kula mathenda kwahlomula izinkampani ezahlukene eziphethwe abantu ababodwa, kwahlomula izinkampani eziphethwe abasebenzi bakahulumeni, kwaphinda kwahlomula nezinkampani ezisanda kusungulwa.
La mathenda akhishwa inkampani kahulumeni engaphansi koMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi, iProperty Management Trading Entity (PMTE).
UNksz Maluleke uthe kunezinkampani ezintathu ezahlukene eziphethwe umuntu oyedwa ezahlomula ngamathenda okulungisa izakhiwo zikahulumeni.
“Lokhu kuqubula izinsolo zokukhwabanisa. Amanye amathenda anikezwa izinkampani eziphethwe abasebenzi bakahulumeni noma eziphethwe imindeni yabantu abasebenzela uhulumeni.”
UNksz Maluleke uthe ziningi izinkampani okwakungafanele zihlomule ngamathenda ezagcina zihlomula.
“Ezinye zezinkampani ezanikezwa umsebenzi awukho umsebenzi ezike zawuthola eminyangweni kahulumeni kule minyaka emibili eyedlule. Lokhu kukhombisa ukuthi lezi zinkampani aziwulungele umsebenzi.
“Ezinye zazo azikaze ziqashwe nhlobo wuhulumeni ngaphambilini futhi azikho ohlwini lwezinkampani ezihlinzeka iPMTA ngomsebenzi. Kulezi zinkampani kukhona ngisho ezintsha. Ukuqashwa kwazo kuncisha ithuba izinkampani ezisohlwini lwePMTA.”
UNksz Maluleke uthe ezinye zalezi zinkampani zehlulekile ngisho nawukunikeza umbiko okhombisa umsebenzi eziwenzile kanye nesikhathi ezisichithe zenza umsebenzi eziwukhokhelwe.
UNksz Maluleke unxuse ukuba kuphenywe ngokushesha ukukhishwa kwala mathenda.
“Ingozi engiyibonayo ukuthi uma iPMTA ingaphenyi ngokushesha lezi zinsolo kuzokuba nokuxhashazwa kwemali yomphakathi. Enye ingozi ekhona lana ukuthi ezinye zalezi zinkampani zizogcina zingawuqedanga umsebenzi noma zenze into ebhedayo.
“Sinxusa ukuthi kuphenywe zonke lezi zigameko bese bethathelwa izinyathelo bonke labo okuzotholakala ukuthi baphula umthetho. Sinxusa nokuthi iPMTA iqhamuke nezinhlelo zokuvimba ukuthi isimo esinje singaphinde senzeke.”
UNksz Maluleke uthe iPMTA izibophezele ekutheni iziphenye zonke lezi zinsolo.“Bathembisile ukuthi bazothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe abathintekayo.
“Bathembisile futhi ukuthi ayikho inkampani ezokhokhelwa kuze kube kuphothulwa uphenyo.”
UNksz Maluleke uthe ngeke bananaze ukubabika emaphoyiseni labo abaphule umthetho uma sekuphothulwe uphenyo.Amalungu ekomiti azwakalise ukukhathazeka ngokutholwe umbiko.
Athe akusikhona okokuqala ethola izikhalo ngale nkampani, elinye lawo lenza isibonelo ngokufakwa kocingo emngceleni wakuleli neZimbabwe.