ITEKISI elasetshenziswa ukuyolahla izidumbu okungesikamama nengane abashawa babulawa besolwa ngokuthakatha, kuvele ukuthi ngakusasa laqhubeka nomsebenzi walo wokuthutha izingane zesikole.
Lokhu kuvele ngesikhathi isiboshwa uSithembiso Lamola sigeqa amagula ngokwenzeka ngobusuku bango-Okthoba 5, 2020.
Ubekade ethula ubufakazi izolo, eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ecaleni lokuthunjwa nokubulawa ngesihluku kukaNkk Simangele Simamane noSibongakonke Mthembu (12), eNewlands West, eThekwini.
ULamola osephenduke ufakazi woMbuso, uthe waqale wenqaba ukusiza ukufihla isidumbu kodwa ukubizwa ngesiyoyoyo sendoda engenamsebenzi walutho nokusatshiswa ngokuthi icala lizosulelwa ngaye, yikhona okwamshintsha umqondo.
Uthe kwakuyizithuba zabo-4 ntambama esegaraji kaNozaza eNtuzuma, ngesikhathi ethola ucingo oluvela kowayethandana naye, uNkk Pamela Zamisa ongummangalelwa wokuqala kuleli cala.
Ngokusho kwakhe, wamshayela kwaze kwaba amahlandla amathathu ethi akaphuthume endlini eNewlands, wanikela khona.
Uthe wayehamba ngekisi ayethutha ngalo abafundi wafike wama ngaphandle emgwaqweni washaya ucingo, esho ukuthi usekhona ucela ukuvulelwa.
Uveze ukuthi kunamasango amabili akhona ngaphambi kokuba ungene ngaphakathi.
Uthe wathi uma engena nje endlini wabona owesifazane owayehlaliswe endlini owayengakaze angambona ngaphambilini.
Lo wesifazane kuvela ukuthi uNkk Simamane, wayekade echashwa ngenhlamba ethethiswa oNksz Nomfundo Ngcobo no-Andile Zamisa abangamadodakazi kaNkk Zamisa.
Ngaleso sikhathi, uLamola uthi ekhishini kwakukade kukhona intombazane eneminyaka elinganiselwa kwengu-12 nayo futhi ayengayazi ekugcineni okwavela ukuthi uSibongakonke.
“Kwathi kusenjalo kwaqhamuka uSli ngasekhishini weza kimina wangitshela ukuthi uyena ke umama lona owaziyo ukuthi bambulala kanjani uBheki benendoda yakhe. Kuloyo mzuzu, lo wesifazane wayengincenga ukuthi ngimkhulumele nalaba ababemvalele endlini, ethi akazi ukuthi bakhuluma ngani,’’ kusho uLamola.
Uthe ngenxa yokuxokozela okwakukhona endlini wavele waphuma wahamba watshela uNkk Zamisa ukuthi usafuna ukushawa umoya.
Esesendleleni eseshayela ethi ubuyela kubo KwaMashu, washayelwa ucingo nguNkk Zamisa, embuza ukuthi kungani emshiya esenkingeni?
Uthi wamtshela ukuthi uyabuya kodwa waphinde washaya ucingo ethi uyaluziba ucingo aphinde alushaye futhi wagcina eluphendulile wase ejika waphindela eNewlands.
Esefikile uthi yilapho atshelwa khona nguNkk Zamisa ukuthi usebulele umama nengane wase eyamtshela ukuthi akahlehlise itekisi yikhona bezomqukulisa ipotimende elalinesidumbu sikaNkk Simamane esasivele ngomlenze.
ULamola uthi kwathi uma ephosa amehlo kwesokudla wabona isidumbu sengane sona esasigoqwe ngengubo yokulala.
Uthi amalungu alo mndeni ayekhona kanye naye bazithatha izidumbu bazifaka kuleli tekisi bahamba bayozilahla emgwaqweni uLwandle oKwaDabeka, maqede kwayiwa olwandle kwayogezwa isinyama.
“Ngakusasa, ngavuka ngaqhubeka nomsebenzi wami wokuthutha izingane zesikole ngaleli tekisi elagcina lishaqwe ngamaphoyisa laba yingxenye yophenyo,’’ usho kanje.
Kusukela lapho uthi bashintsha ama-sim cards amaselula abo baqala baphila impilo yokubaleka sebezwile ukuthi bafunwa ngamaphoyisa.
Uthi bahamba bayobhaca eMachobeni, eNanda, badlulela eMolweni, ekugcineni balibangisa eProtea Glen eSoweto.
Udalule ukuthi yingxabano yakhe noNkk Zamisa eyaholela ekutheni agcine ebuyile eGoli, wazinikela emaphoyiseni, waboshwa wase egonyuluka ngakho konke okwenzeka nasenkantolo walivuma icala wagcina egwetshwe iminyaka eyisithupha. Icala liyaqhubeka nokuqulwa namuhla.