UZOQHUBEKA nokuphonswa ngemibuzo ngoSepthemba ufakazi woMbuso ecaleni lokushaywa kubulawe u-Andile “Bobo” Mbuthu (16) owayesolwa ngokuntshontsha utshwala ethaveni.
IMantshi uSanele Hlatshwayo, yeNkantolo yesifunda eVerulam, ilihlehlisele uSepthemba 7 nonyaka icala emuva kokugula komunye wabasolwa.
Phambilini ufakazi, oneminyaka engu-18 futhi ongaphansi kohlelo lokuvikelwa, uveze ukuthi uBobo wayeshaywa umzimba wonke ngenduku yegalofu, eye-baseball, eyomshanelo, imvubu nangepulangwe.
Wadalula ukuthi uBobo washaywa eMagagula Lounge, eHambanathi oThongathi waze wavuma ukuthi wabuntshontsha utshwala nokuthi ubufihle endlini kaSandile Mngadi.
Waqhuba ngokuthi uBobo wafakwa evenini kwayiwa kuleyo ndawo, nebala batholakala utshwala ngaphansi kombhede nakwi-wardrobe, uSandile engabonwa nangokhalo.
Lo fakazi uveze nokuthi kwabuyelwa eMagagula notshwala nomufi lapho ashaywa khona kanzima, kuqoshwa nevidiyo, waze wathula.
Eseshonile, kuthiwa isidumbu sikaBobo safakwa evenini iToyota Legend kwayiwa naso ephathini eyayikubo kaMnuz Mlungisi Thabethe owayengumnikazi weMagagula futhi engumzala kaBobo.
UThabethe, owayengaphandle ngebheyili ecaleni, wadutshulwa washona ngoMashi wangonyaka odlule.
Ufakazi udalule ukuthi yafakwa egaraji imoto eyayinesidumbu sikaBobo, okwathi ngabo-11 ebusuku kwabuyelwa eMagagula kwayolandwa umgqomo kwase kuyiwa eBhamshela.
Kuvela ukuthi isidumbu sikaBobo safakwa emgqonyeni namapulangwe sase singqongqiswa ubusuku bonke ngophethroli.
Ekuseni ngakusasa, ufakazi utshele inkantolo ukuthi zahlakazwa ngepiki izinsalela zesidumbu sikaBobo, omunye wabasolwa waya kothenga izikhwama ezimbili zafakwa phakathi kuzona.
Ufakazi utshele inkantolo ukuthi ngalesi sikhathi yena wabuyela ngetekisi eMagagula, akazi ukuthi kwasala kwenzekani ngesidumbu sikaBobo.
Kusolakala ukuthi amaphoyisa athola izinsalela zesidumbu sikaBobo zilahlwe emfuleni.
Ufakazi, obengumsolwa kodwa osephenduke ufakazi woMbuso, utshele inkantolo ukuthi walibamba iqhaza ngokushaya umufi kanzima futhi ababekwenza babeyalelwe nguThabethe.
Abasolwa, okungoMnuz Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Siyanda Msweli, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu babhekene necala lokubulala okuhleliwe nokuthumba uBobo owayefunda uGrade 12 eNkosibomvu Secondary.
Izolo icala liguqe ngesikhathi ummeli wabasolwa, uMnuz Chris Gounden, ephonsa ngemibuzo ufakazi.