OKUNGAJWAYELEKILE umndeni wowesilisa waseMlaza othandana nowobulili bakhe uveza ukuthi uzomulisa indodana yawo.
USazi Jali (27) okulindeleke ukuthi amuliswe ngoFebruwari, utshele intatheli yeSolezwe ukuthi yena ungowesifazane futhi akakaze akuthande ukubizwa ngomfana.
Uthe ukholwa wukuthi kuzongena kugxile kubantu ukuthi ungumuntu wesifazane njengoba ezobe ekhuliswa ngokosiko.
Uthe ukwemuliswa yinto osekuphele iminyaka eyilangazelele kodwa umndeni wakubo ungacacisi ukuthi uyoke umenzele yini.
"Ngisola ukuthi umama ubesafuna ukubona kuqala ukuthi ngiwumuntu wesifazane ngempela yini, njengoba eqale wathi ukudembesela ukungenzela umemulo. Ngiyajabula ukuthi uyabona manje ukuthi bengingadidekile ngobulili bami. Okungithokozisa kakhulu nengikubongayo ngaye wukuthi ungamukele kudala, kusukela ebuncaneni bami ngesikhathi ebona ukuthi ngehlukile kunezinye izingane zabafana," kusho uSazi.
Eqhuba, uthe ukholwa wukuthi ukwenziwa komcimbi wakhe kuzolekelela kakhulu nakwabanye abaphila impilo efana neyabo, ekutheni bangesabi futhi baziqhenye ngokuphila impilo abayiphilayo.
Unina wakhe, uNksz Tamara Jali, uthe indodana yakhe kudala yabikwa emsamo njengentombazane, ngesikhathi ineminyaka engu-14.
Uthe bamenzela ukhamba olwaluthi malufane nomsebenzi wokukhulisa intombazane esihlosa, obizwa ngokuthi wumhlonyane.
Uthe uphindile wamenzela omunye umcimbi wokhamba ohambisana negobongo, ngesikhathi eneminyaka engu-18.
"Uma uwumzali usuke ulindele ukuthi ingane yakho ibe wubulili eyibo kodwa uma yona iba yinto eyahlukile, isuke ingekho enye into ongayenza, ngaphandle kokuyeseka nokuyinika uthando. USazi wabonakala eneminyaka emibili eseqala nokuhamba ukuthi akasiye umfana. Ngeke futhi uzikhethele kuNkulunkulu ngento akuphe yona," kusho unina kaSazi.
Uqhube ngokuthi umndeni uqale waxhumana nesazi samasiko nomsamo ngaphambi kokuthi uthathe isinqumo sokwenza umemulo.
Uthe isazi yiso ebesilokhu sibacathulisa, sibabonisa ngezinyathelo okumele bazithathe, ukuze umcimbi ube yimpumelelo futhi wamukeleke nasemsamo wabo.
USazi uzokwemuliswa nodadewabo omncane, ozalwa ngunina wakhe omncane.
Uzomiswa ngabangani bakhe ababili abathandana nobobulili obufanayo nobabo, bese esiniswa yizintombi ezihlolwayo.
Kulindeleke ukuthi kugingqwe izinkomo ezimbili zomcimbi.
Isazi sezamasiko sithe kuzoba ingqophamlando okuzobe kwenzeka emcimbini njengoba umemulo kuwumcimbi owenzelwa intombi esuke ibungazwa ngabazali bayo ngokuziphatha kahle.
USolwazi Sihawu Ngubane, uthe yinto endala ukuba khona kwabantu abaphila impilo yokuthandana nabobulili obufana nobabo kodwa ezikhathini zakudala babengaphumeli obala ngoba babeshaywa.
"Kusemthethweni kulesi sikhathi esiphila kuso abakwenzayo ngoba uhulumeni usabanika ilungelo lokuthi bakhululeke. Okumangazayo wokokwemuliswa kowesilisa ozenza intombi. Yinto engakaze yenziwe ngisho emandulo," kusho yena.