UPHUNYUKE bemchitha ekubeni yilungu lekhomishini eluleka uhulumeni ngezinto ezithinta amajaji, ohola iqembu Umkhonto weSizwe ePhalamende, uDkt John Hlophe.
UHlophe ungene ngodli kule khomishini nakuba ebechithwa amanye amaqembu ePhalamende abengayizwa eyokuphakanyiswa kwegama lakhe ekubeni yilungu le-Judicial Service Commission (JSC).
Igama likaHlophe owayengumengameli wamajaji eWestern Cape, beliphakanyiswe namanye amagama amalungu ePhalamende, ukuthi abe yingxenye yeJSC, ephenya izikhalazo ezibhekiswe emajajini.
Akubanga namsindo ngokuphakanyiswa kwamagama amalungu ahlukene ukuthi abe yingxenye yeJSC, okubalwa elomholi we-EFF uMnuz Julius Malema, elikaNksz Fasiha Hassan we-ANC, Advocate Glynnis Breytenbach we-DA, Mnuz Athol Trollip we-ActionSA noMnuz Molapi Lekganyane we-ANC.
USotswebhu we-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli, nguyena ophakamise amagama alawa malungu.
USomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, ubuze ukuthi kukhona yini abaphikisana nalesi siphakamiso, kwaphakama uSotswebhu we-DA uMnuz George Michalakis, wathi bachitha igama likaHlophe.
Kushintshane abaholi bamaqembu ahlukene baphefumula ngalesi siphakamiso sokufaka igama likaHlophe.
I-DA, Freedom Front Plus ne-ACDP yiwona maqembu achithe igama likaHlophe, kwathi amanye amaqembu ameseka.
UMnuz Sihle Ngubane weMK, uthe uMthethosisekelo wezwe, awuwavimbi amalungu ePhalamende ukuthi abe yingxenye yeJSC.
Uthe uHlophe unawo amava okuba yingxenye yeJSC ngoba uthunywe abavotele iMK.
UMnuz Floyd Shivambu iPhini likaMengameli le-EFF, uthe selimlinde ngabomvu uHlophe kwiJSC.
“Sifuna ukuzwa amangwevu akho kwiJSC ngakho asinankinga nokuphakanyiswa kwegama lakho. Kunamalungu e-DA, angongqongqoshe angafundile. Amanye awo awanasicucu kodwa angongqongqoshe. Asinankinga nalokhu ngoba avumelekile ukuthi akhethelwe ezikhundleni eziphezulu,” kusho uShivambu.
Umholi we-UDM, uGeneral Bantu Holomisa, uthe abantu abavotele iMK bamjube noma ikuphi uHlophe ngakho angaya noma ikuphi lapho ethunywa khona yiqembu lakhe.
“Asinankinga noHlophe, unamava ngakho akangene.”
Amanye amaqembu akhale ngokuthi uHlophe akumele abe kwiJSC ngoba waphucwa igunya lokuba yijaji emva kokuzama ukuhlohla amanye amajaji aseNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi aseke owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma (osengumholi weMK) emacaleni enkohlakalo abhekene nawo.
Akhale ngokuthi ukufakwa kukaHlophe kungaphazamisa umsebenzi weJSC.
Noma kunjalo kodwa uNkk Didiza uthe igama likaHlophe lizoba yingxenye yabantu abazoba kwiJSC ngoba usekwe yiningi.
Kunezinhlangano zomphakathi ebezingahambisani nokufakwa kukaHlophe kwiJSC.