INHLANGANO yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA), ayiweseki umthethosivivinywa womshuwalense wezempilo wakuleli, iNational Health Insurance Bill (NHI), ngendlela ohlelwe ngayo yize ithi iyazi ukuthi, inhloso yawo yinhle.
Ngeledlule ikomiti lezempilo ephalamende lamukele umthethosivivinywa, iNHI, sekusele ukuthi udingidwe ephalamende.
Inhloso yawo wukuthi iziguli zithole amathuba alinganayo okwelashwa ezikhungweni zezempilo zikahulumeni noma ezizimele ngaphandle kokukhokha. Uma seyisebenza iNHI ngeke sibe khona isidingo semishuwalense yezempilo, nama-medical aid akhona njengamanje.
ISAMA ayiyeseki iNHI ngendlela ehlelwe ngayo manje futhi inokukhathazeka ngokuthi ezinye iziguli ngeke ziluthole usizo eziludingayo, ngesikhathi eziludinga ngaso uma lo mthethosivivinywa uphasiswa waba wumthetho.
UMengameli weSAMA uDkt Mvuyisi Mzukwa, uthe: "Umshwalense wezempilo obhekelele wonke umuntu yinto engaba yinhle futhi eyenzelwe ukuthi ithuthukise impilo yabantu bakuleli kodwa indlela ehlelwe ngayo njengamanje izokwenza ukuthi kwazona ezempilo ezikhona njengamanje ezingenzi kahle zifadabale."
Uthe alisekho ithemba lokuthi uhulumeni wakuleli angakwazi ukuphatha kahle imali njengoba wehluleka ukuphatha kahle uR500 billion, owawuhlelelwe izinhlelo zeCovid-19, wasetshenziswa budlabha.
UMzukwa uthe iSAMA ikholwa wukuthi indlela yokuthuthukisa izinhlelo zezempilo ibalulekile ngoba izolungisa izinto ezishodayo futhi iqede nezinselelo ezikhona.
"INHI ihlose ukuthuthukisa ukusebenza kohlelo lokunakekelwa kwezempilo, iqinisekise ukunakekelwa okufanele kwabo bonke abantu. Ukuphathwa kahle komkhakha wezempilo. Ukuphathwa kwemali ngendlela efanele, nokwabiwa kwesabelomali ngokucophelela. Lo hulumeni okhona njengamanje kasikho isiqiniseko sokuthi ungakwenza lokhu ngoba unerekhodi lokuxhashazwa kwemali nokukhwabanisa,” kuchaza uMzukwa, ngezizathu ezenza bangayeseki iNHI.
Okhulumela iSouth African Medical Association Trade Union (Samatu) uBokang Motlhaga, uthe inyunyana isalubhekisisa udaba, izophawula uma isifundisise kahle okuqukethwa wumthethosivivinywa.
Phakathi kwezinto ezibaluliwe kumthethosivivinywa weNHI, isiguli singaya noma kusiphi isikhungo sezempilo noma udokotela, uma seselashiwe iNHI izokhokhela leso sikhungo njengoba kwenzeka kumuntu onemedical aid.
Isidingo semedical aid ngeke sisabakhona uma sekusebenza iNHI ngoba wonke umuntu osebenza uzobe ekhokhela lesi sikhwama. Abaqashi bazosiza isikhwama ngokudonsa imali eyobe ibaluliwe kubasebenzi njalo ngenyanga, bayihambise esikhwameni njengoba kwenzeka, esikhwameni esinxephezela aphelelwe umsebenzi, i-Unemployed Insurance Fund (UIF).
UMnuz Peirru Marx, ongumxhumanisi weNetwork in Medical industry at Solidarity, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba ethi “uhulumeni udukisa abantu baseNingizimu Afrika, ngokuthi iNHI izothuthukisa ukunakekelwa kwezempilo ezweni. Ufihla iqiniso uthi usizo lwezempilo lutholakala kalula, ayikho into evimbe kukuthi usizo lwezempilo lungatholakali kalula. Yizikhulu eziphethe izinsiza ezibalulekile ezingafuni kwenziwe ngcono izinga lempilo, ngenxa yepolitiki.”
“Umlando kahulumeni wokusebenzisa kabi amandla, ukungaphathi kahle nenkohlakalo uzobeka engcupheni izinga lokunakekelwa kweziguli. Sikhathazekile nangesibalo sabasebenzi bezempilo abaveze ukuthi ngeke basebenze ngaphansi kwalezi zimo,” kusho uMarx.