UNIKWE isikhundla sokuhola ikomiti lasePhalamende, obeyimeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda.
UKaunda owasuswa eThekwini yi-ANC, wajutshwa ePhalamende ukuyofungiswa njengelungu leNdlu yoMkhandlu weziFundazwe (National Council of Provinces), ukhethelwe ukuba usihlalo wekomiti lo Mnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kanjalo nokuPhatha.
IPhalamende neNdlu yoMkhandlu weziFundazwe bebematasa kuleli sonto bekhetha abazohola amakomiti.
Ngaphansi kwekomiti eliholwa nguKaunda, kuneminyango ehlukene okubalwa owezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Kukhona noMnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu kanjalo noMnyango wezaManzi nokuHanjiswa kweNdle.
Ngokwesitatimende sasePhalamende, kwiNCOP kuba nelungu elilodwa elimele isifundazwe ngasinye.
Usihlalo wekomiti ukhethwa kwabangamalungu eNCOP kanti njengoba emancane amalungu ale ndlu, ngaphansi kwekomiti ngalinye kuba neminyango ehlukene.
“Umsebenzi kasihlalo wekomiti ukubiza nokwengamela imihlangano aphinde enze neminye imisebenzi kasihlalo. Umsebenzi wamakomiti ukulusa ukusebenza kweminyango kahulumeni,” kusho isitatimende sasePhalamende.
Isikhala sikaKaunda sivalwe nguMnuz Cyril Xaba.
UKaunda owangena kulesi sikhundla ngo-2019, wakhuza ibuya emuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021, washiya kunezikhalazo ngezinkinga ezibhekene neTheku. Wahamba amanye amaqembu eseke azama ukumkhipha ngevoti kodwa ahluleka.
UKaunda wazishaya isifuba ngokuthi ushiye umbiko omuhle wokusebenza kwezimali. Wathi akashiyi umkhandlu obuzoguqa ngamadolo noma yinini nomkhandlu obusezinkingeni zokungakwazi ukukhokhela abasebenzi.
Phakathi kwezinkinga ezikhona, okukhalwa ngazo mihla eThekwini yindaba yamanzi ashodayo. Emiphakathini eyakhele leli dolobha kunenkinga yamanzi.
Kwezinye izindawo sekuphele izinyanga engekho, kwezinye sekuphenduke isinkwa semihla ukuthi aphela abuye noma yinini umphakathi ungaziswa.
Nezimoto ezithwala amanzi azifiki kweminye imiphakathi.
Enye yezinkinga ezibhekene neTheku yizincwadi zezikweletu. Abanye kufika izincwadi eziveza ukuthi bakweleta izizumbulu zemali zamanzi, ugesi kanjalo nama-rate.
Kuke kwaba nezinkinga ekuqoqweni kukadoti ezinyangeni ezedlule kwezinye izindawo lapho ubungaqoqwa khona ngenxa yezikhalazo zabasebenzi.
UXaba uthembise ukulungisa izinkinga ezibhekene nedolobha.