OWAYENGUMSAKAZI weziteshi zomphakathi zaKwaZulu-Natal, uZameka McKenzie, uthi usinde kukubi ngesikhathi isihlobo sakhe 'sizama ukuthwala ngaye'. UZameka (29), odume ngelikaMalume Onama-Hips futhi oke wasakazela iZwi Lomzansi neSiyathuthuka FM, uthe ubehlanza igceke nabangani bakhe ababili kubo eLuphongolo, eXobho ngo-Ephreli 10 ngezithuba zabo-12 emini ngesikhathi kufika umzala wakhe.
"Uvele wathushuka esikhaleni, wangingqubuza ngekhanda lakhe. Sishaqekile. Ngathi ngiyazama ukumpholisa ukuze ngizwe ukuthi kwenzenjani, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya." Uthe umzala wakhe ube esemhudulela emathuneni maqede wamklinya. "Wangiklinya ngaze ngazichamela, ngaphelelwa yizwi nomoya." Uthe ukube akaqhamukanga umalume wakhe, ngabe kukhulunywa ukuthi wafela endaweni yesigameko.
UZameka usale emabokoboko, evaleke iso futhi ehuzuke emqaleni. Uthe usola ukuthi umzala wakhe ubefuna ukuthwala ngaye ngoba ukuvezile ngesikhathi emshaya ukuthi ufuna amandla akhe njengoba engowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe.
"Nenyanga ebesiyokohlola kuyo isitshelile ukuthi umzala wami ubefuna ukuthwala ngami. Nasendlini ngafica sekunomgonqo, kugcwele izitaputapu zomuthi nezinkukhu ezinqunywe amakhanda nenyama ngaphansi kombhede."
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko. "Owesifazane oneminyaka engu-29 kusolwa ukuthi washaywa futhi waklinywa ngowesilisa owaziwayo ngesikhathi esoLuphongolo, eXobho. Icala lokushaya ngenhloso yokulimaza kabi livulwe esiteshini samaphoyisa saseNewlands East (eThekwini) ukuze liphenywe kabanzi. Idokodo selidluliselwe emaphoyiseni aseHighflats," kuphetha uCaptain Gwala.