UBOSHELWE icala lokubulala obengumqaphi wemeya yaseMsunduzi, uMnuz Mziwemali Ngubane.
UNgubane uboshelwe icala lokubulala uMnuz Nkosinathi Radebe, odutshulwe wabulawa ngeledlule eselokishini lakwaDambuza.
Izolo uNgubane uvele enkantolo yeMantshi eMgungundlovu, icala lahlehliselwa uMeyi 11 lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.
Kuthiwa uNgubane wayehamba ngemoto kamasipala ngesikhathi ebulala uRadebe, futhi kuthiwa isidumbu sikaRadebe wasithatha ngayo imoto kamasipala ngesikhathi eseyosilahla.
Ngokuthola kweSolezwe, uRadebe wanyamalala ngoLwesihlanu, nokwaholela ekutheni umndeni wakhe uqale ubhale ezinkundleni zokuxhumana ucela ukufuniswa yena.
Ngokombhalo ofakwe yilungu lomndeni kaRadebe, wagcina ukubonakala eyobuka ibhola. “Izolo kukhale isibhamu kaningi ngala ekhaya kodwa akubonakali ukuthi uyephi. Uma besho bathi ugcine ukubonakala emgwaqweni. Ungathi bamdubulile baphinde bathatha nomzimba wakhe.”
Umthombo osondelene nodaba uthe kwazwakala ukuqhuma kwesibhamu ngosuku okwanyamalala ngalo uRadebe.
Ulanda lo mthombo, uthe igazi belibonakala lapho okwaqhuma khona isibhamu kodwa isidumbu sikaRadebe besingekho endaweni yesigameko.
“Umzimba uze watholakala emva kokuthi uNgubane ezame ukuyovula icala lokudunwa imoto elingekho. Emva kokuphekwa amaphoyisa ngebhodwe elincane ube esewakhombisa lapho elahle khona umzimba kaRadebe.”
Umyalezo osabalele ezinkundleni zokuxhumana, uthe uNgubane ungesinye sezithenjwa ezinkulu zemeya yaseMsunduzi, uMnuz Mzimkhulu Thebolla.
Lo myalezo uthe uThebolla ukhathazekile ngokuboshwa kukaNgubane, wathi uze waphuthelwa ukuya emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC KwaZulu-Natal obuseMnambithi.
Kepha okhulumela uMasipala waseMsunduzi, uNkk Ntobe Mkhize, uthe okuqukethwe yilo mbhalo osabalele ezinkundleni zokuxhumana kungamampunge.
UNkk Mkhize uthe uNgubane akasesiyena umqaphi kaThebolla, kepha wathi usasebenza khona emkhandlwini.
“Umuntu okukhulunywa ngaye wayeka ukuba umqaphi wemeya ngesikhathi ethola omunye umsebenzi ngaphakathi kumasipala. Kusishaqisile ukubona lama mpunge abhalwe kulo mbhalo osabalele ezinkundleni zokuxhumana kuthiwa umuntu oboshiwe ungumqaphi kanye nesethenjwa semeya. Imeya iphatheke kabi ngokudicilelwa phansi kwegama layo. Okuqukethwe kulo mbhalo osabalele ezinkundleni zokuxhumana kudicilela phansi igama lemeya.”
Imenenja kamasipala, uMnuz Lulamile Mapholoba, ithe uzothathelwa izinyathelo ezifanele uNgubane.
“Siyasigxeka lesi senzo. Sithanda ukuqinisekisa umphakathi waseMsunduzi ukuthi uzothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe umsebenzi othintekayo. Lo msebenzi ufake igama likamasipala ehlazweni. Ngeke sizame ukulumbambatha lolu daba.’’
UMapholoba uthe umasipala uzosebenzisana namaphoyisa ophenyweni lwawo.
“Siyakholelwa kakhulu engalweni yomthetho.”