IPHINI likamengameli we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, lithi i-ANC izomangaza abaningi okhethweni oluzayo.
Yize ucwaningo lukhombisa ukuthi i-ANC izothola ngaphansi kuka-50% okhethweni olubhekwe ngabomvu, uMashatile uthe akakungabazi ukuthi le nhlangano izobuyela emandleni.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma namalungu e-ANC eMgungundlovu ngoMgqibelo.
UMashatile uthe baningi abantu abathi i-ANC isizoshabalala njengoba isiphathe uhulumeni iminyaka engu-30.
“I-ANC indala kakhulu, iyona kuphela inhlangano yezepolitiki eneminyaka engaphezu kuka-112 lapha ezwenikazi i-Afrika. Amanye amaqembu ayafika aphinde ashabalale. I-ANC iyinqanawe engayi ndawo.
“Kufanele sikujabulele ukuthi sesiphathe uhulumeni iminyaka engu-30. Amaqembu amaningi ayashabalala uma esephathe iminyaka engu-30. Yingakho abanye becabanga ukuthi nathi sizoshabalala.”
UMashatile uthe abawasabi la maqembu asonga ngokubakhipha emandleni.
“Abanye bahamba bekhuluma bethi bazonqoba ukhetho kodwa uma uthi uyababheka, banezihlalo ezimbili ePhalamende. Asazi ukuthi bacabanga ukuthi bazolunqoba kanjani ukhetho uma besapatanisa kanje.”
I-ANC izokwethula umqulu wezethembiso zokhetho eThekwini, ngoMgqibelo esiya kuwo.
UMashatile uthe sebewulungele umcimbi ozayo.
“Ngiyababona abanye bathi sebeyethulile imiqulu yezethembiso. Ngesikhathi abanye bezwa ukuthi siza KwaZulu-Natal, sizokwethula umqulu eMoses Mabhida, bagijima phambili. Kodwa-ke iqiniso ukuthi iMoses Mabhida yinkundla enkulu. Lena yinkundla edinga iqembu elikhulu.
“Wonke umuntu uzobona uma sekufika i-ANC ukuthi sekufike iqembu langempela. Kuzocacela noma ubani uma sesifikile,” usho kanje kuzwakala ukuthi ubhinqa i-EFF ebihlangene kule nkundla muva nje.
Uthe ubuholi be-ANC buzohlala lapha KwaZulu-Natal kuze kudlule umcimbi, wanxusa bonke abantu ukuba baphume ngobuningi babo bezolalela umengameli.
UMashatile uthe umengameli uzomemezela usuku lokhetho maduze.
“Akusensuku zatshwala uRamaphosa amemezele ukhetho. Kukhona nje okuncane asukucubungula. Thina silindele umhlahlandlela.”
UMashatile uqale uhambo lwakhe eThekwini lapho ehlangane khona nezinhlaka ezeseka abantu basePalestine njengoba kuqhubeka impi phakathi kwe-Israel neHamas esifundeni iGaza.
UMashatile uncome uhulumeni wakuleli ngokufaka i-Israel enkantolo yamacala amazwe omhlaba.
“Ngincoma isibindi kuRamaphosa. Kwathi lapho abaholi bamazwe amaningi begwajaza, yena wavele waqunga isibindi. Baningi abebethi izosixaka le nto esiyiqalayo kodwa namhlanje umhlaba wonke uncoma isenzo seNingizimu Afrika.”