UMENGAMELI wezwe obuye ahole i-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe akusensuku zatshwala amemezele ukuthi abantu baya nini okhethweni nonyaka.
URamaphosa ukusho lokhu eSoweto, eGoli, ngempelasonto.
Uthe lapho ekade ehamba khona eSoweto ekhuluma nabantu, kukhona abebekade bembuza ukuthi lunini kanti usuku lokhetho.
“Abantu banogqozi, ngifikelwa wumuzwa wokuthi bayafuna ukuvota. Bebelokhu bengibuza bethi kanti kuvotwa nini?,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa uthe njengoba ezolumemezela maduze usuku okuzovotwa ngalo, wonke umuntu uzojabula.
Uthe ukuzwa emakhaleni ukunqoba kwe-ANC athe izothola ngaphezulu kuka-50% wamavoti iqhubeke iphathe.
Izolo uRamaphosa ubekade eseMamelodi ePitoli wathi ukungcola nokuxhutha akubone khona kuyamangaza.
Ukhale ngeDA ehola uhulumeni ophethe uMasipala iTshwane, wathi ihlezi izishaya isifuba ithi lapho iphethe khona kuhle futhi iyazihambisa izidingo kubantu kodwa akukho okukhombisa lokho eMamelodi.
URamaphosa uthe udaba ngezinkinga zamanzi komasipala seluphethwe uhulumeni kazwelonke ngaphansi kukaNgqongqoshe waManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnuz Senzo Mchunu.
Umengameli uzokwethula inkulumo ayibhekise esizweni ngoLwesine ehholo eCity Hall, eCape Town eyiPhalamende lesikhashana ngo-7 ebusuku.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uphonselele inselelo uRamaphosa wathi akamemezele usuku lokhetho ngokushesha.
Uthe iDA ilulungele ukhetho futhi konke kumi ngomumo ngisho kungathiwa kuvotwa kusasa banganqoba.
UMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, obenxenxa abantu ukuthi babhalisele ukuvota eNdwedwe izolo, ukhale ngokuthi abantu sebedikibele ngenxa yezethembiso ezenziwa uhulumeni angazifezi.
UMnuz Julius Malema, ongumholi we-EFF, uphoqe uRamaphosa ukuthi amemezele usuku lokhetho, athe wusuku izwe elizomkhipha ngalo ezintanjeni.