OXOSHWE kwi-EFF, uMnuz Vusi Khoza, uthe uphumile kwipolitiki yobundlavini njengoba esethole ikhaya elisha.
UKhoza, oke waba usihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uthe usezelwe kabusha njengoba esejoyine iqembu elisha lezepolitiki.
Izolo uKhoza umenyezelwe njengelungu elisha leqembu elisungulwe iNhlalisuthi yamaNazaretha ngaphansi koNyazilwezulu, uMnuz Lizwi Ncwane, i-Afrika Unite Congress (AUC).
Wethulwe esithangamini nabezindaba, ebesiseThekwini.
UKhoza uthe ukujoyina kwakhe i-AUC kuyisiqalo sempilo entsha kuyena.
“Ngiphumile epolitikini yobundlavini. Kimina ukuzalwa kabusha. Siphuma epolitikini yobundlavini, singena epolitikini yenhlonipho. Siphuma epolitikini yokucwasa ngokobuhlanga, inkolo, nobuzwe. Singena kwipolitiki yokuhlanganisa abantu, ikakhulukazi abase-Afrika.”
UKhoza waxoshwa kwi-EFF emva kokuthi ehlulekile ukuqasha amabhasi ayezohambisa amalungu e-EFF emcimbini wokugubha iminyaka eyishumi kwasungulwa le nhlangano.
UKhoza uthe uhehwe imigomo kwi-AUC.
“Kusukela kwaba nalesiya simo neqembu ebengikulo ezinyangeni ezimbili ezedlule, maningi amaqembu ezepolitiki abenginxenxa ukuba ngiwajoyine. Cishe ngixoxe nabaholi bamaqembu ezepolitiki awu-50, benginxenxa ukuba ngijoyine amaqembu abo. Kodwa ngokubuka imigomo ye-AUC ngibone kungcono ngijoyine yona. I-AUC iqhakambisa ukuthi sibazi ubuholi bendabuko, abelaphi bendabuko nezinkolelo zesintu. Ngizikhethele ukuba lapha futhi ngijabule kakhulu.”
UKhoza uthe ezingxoxweni zakhe nobuholi beqembu unikezwe izinto ezintathu okufanele azenze.
“Okokuqala ukuthi sandise amalungu eqembu. Okwesibili ukuba senze isiqiniseko sokuthi izakhiwo zeqembu zikhona kulo lonke izwe. Okwesithathu ukuthi senze isiqiniseko sokuthi sigingqa amadoda okhethweni oluzayo. Asiyikhulumanga ke eyamabhasi. Angisiyena umshayeli wamabhasi. Angifuni ukukhuluma kakhulu, kodwa nje engingakusho ukuthi izinombolo zizozikhulumela zona.”
UNcwane uthe bajabule ukuthola umuntu onegama njengoKhoza, wathi akubakhathazi okokuthi uxoshiwe lapho esuka khona.
“Indaba yokuxoshwa kwakhe iphakathi kwakhe neqembu asuka kulo. Thina siyawazi amava kaKhoza. Okwethu ukukhulisa i-AUC.”
UNcwane uthe njengamanje bamatasa nokubhalisa i-AUC njengenhlangano yezepolitiki.
Uyichithile imibiko yokuthi wamiswa ezikhundleni ebandleni emva kokuthi esungule i-AUC.
UNcwane uthe uyaqhubeka nokwenza imisebenzi yakhe yasebandleni, wathi futhi iqembu linobudlelwano obuhle namaNazaretha.