UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe umphakathi ongamehluleli ukuthi usebenze kanjani njengomengameli wezwe njengoba ephathe ngesikhathi esinzima.
URamaphosa uthe abanye babantu bahlale bemtshela ukuthi uphathe ngesikhathi esibi ezweni.
Uthe akekho omunye umengameli oke waphatha kuhlasele ubhubhane iCovid-19, ebulale abantu abevile ku-100 000 kuleli, izibhelu zangoJulayi, nyakenye, owatatshwa kuzo impahla KwaZulu-Natal naseGauteng, nezinye izigameko.
“Abantu yibona abazosho ukuthi ngisebenze kanjani njengomengameli. Kodwa akekho omunye umengameli oke waphatha kukhona izigigaba eziningi ezweni ezinye zazo okubalwa nendaba yokulawulwa kombuso yidlanzana,” kusho uRamaphosa.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma nezintatheli emuva kokuhambela umhlangano we-ANC wegatsha lakhe eChiawelo, eSoweto, izolo.
Kulo mhlangano uphakanyiselwe ukuthi ahole ihlandla lesibili njengoba kubhekwe engqungqutheleni ye-ANC yokukhetha ubuholi eNasrec, ngoDisemba.
Abanye abaphakanyisiwe kulo mhlangano nguMnuz Paul Mashatile kwesephini likamengameli, usihlalo uMnuz Stan Mathabatha, kwesikanobhala uMnuz Mdumiseni Ntuli, kwesephini likanobhala uNksz Nomvula Mokonyane, kuthi kwesikamgcinimafa uMnuz Pule Mabe, okhulumela i-ANC.
Odabeni lwezifundazwe eziphakamise amagama abaholi abafuna ezikhundleni eziphezulu amagatsha engakahlali, uRamaphosa uthe ekugcineni amagatsha yiwona azonquma.
“Ekugcineni amalungu azomela amagatsha iwona azobe evota engqungqutheleni, evotela abantu abafuna ezikhundleni. Ngakho amagatsha yiwona anamandla ngoba le, yingqungquthela yamagatsha.”
Ebuzwa mayelana nokugqoza kwabesifazane abaphakanyiselwa ezikhundleni zokuhola le nhlangano njengoba kuhlale kukhulunywa ngeyokulinganisa ubulili, ubalule ukuthi unethemba ukuthi engqungqutheleni baningi amagama abo azovela.
“Nginethemba lokuthi njengoba kusawuhlelo lolu lokuphakamisa amagama, kuzocaca kahle engqungqutheleni. Amagama abesifazane azovela ebuholini.”
Ukhale ngomthetho okhona wokuxhaswa kwamaqembu ezepolitiki, athe iwona owenza le nhlangano ibe sezinkingeni zemali.
“Abanye abantu abebexhasa i-ANC abasayixhasi ngoba abafuni ukuvela, baziwe njengoba kusho umthetho. Sisenkingeni yemali, umgcinimafa usebenza kanzima ukuqoqa imali ukuze inhlangano ikwazi ukuqhubeka. Ngiyalwazi usizi olubhekene nabasebenzi be-ANC ngenxa yenkinga yezimali enhlanganweni.”
Kwenzeka lokhu nje, i-ANC ihlehlise umnqamulajuqu wokuhlala kwemihlangano obuyizolo kodwa wahleliselwa u-Okthoba 25, ngenxa yezinkinga ezibhekene nesiteleka sabasebenzi, ukucinywa kukagesi kuleli nezinye izinkinga.