UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, utshele amalungu ePhalamende ukuthi ubambe wonke amaqembu, kusuka kwi-ANC kuya emaqenjini aphikisayo, ngamankwahla.
UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, utshele amalungu ePhalamende ukuthi ubambe wonke amaqembu, kusuka kwi-ANC kuya emaqenjini aphikisayo, ngamankwahla.
UMalema, obekhuluma izolo ngesikhathi senkulumo mpikiswano ngesiphakamiso sokususwa kukaSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe imashi ye-EFF ngoMsombuluko ibe yimpumelelo ezweni lonke ngoba nguyena ophethe. I-EFF igcine yehlulekile ukugudluza uMapisa-Nqakula ngevoti.
“Ngiphethe, ngibambe wonke umuntu ngamankwahla. Kusuka kwi-ANC kuya kuwona wonke amaqembu aphikisayo niphethwe yimina, nginibambe ngqi ngamankwahla,” kusho uMalema.
Uthe ngisho osomabhizinisi abazange bamlalele uMengameli Cyril Ramaphosa uma ethi abavule ngoba bazovikelwa kodwa banquma ukuvala.
“URamaphosa wathi vulani, ngathi mina valani. Balalela mina ngoba bavala. Zincane izinto zokuhamba ezazikhona, ugesi awuzange ucishwe ngoba sasingekho isidingo sawo ngoba abantu behleli emakhaya. Yimina ophethe.”
Uthe baphakamise ukuthi kususwe uNkk Mapisa-Nqakula ngoba uvikela uRamaphosa njengoba ajuba nabezokuphepha ukuthi bazokhipha amalungu e-EFF ePhalamende ngesikhathi befuna umengameli ehle esikhundleni, wathi abesifazane baleli qembu baze bapotozwa nezitho zabo zangasese.
“Asisabuthembi ubuholi bukasomlomo, sifuna aphume ngoba uyaqhubeka nokuvikela uRamaphosa. Yingakho sifake lesi siphakamiso sokuthi akhishwe ngevoti,” kusho uMalema.
UNksz Doris Dlakude, iphini likasotswebhu we-ANC ePhalamende, ukhwele wadilika kwi-EFF wathi iyimidlwembe engafuni kube nokuthula.
Uthe leli qembu labeka engcupheni nokuphepha kukaRamaphosa ngesikhathi ethula inkulumo ebhekiswe esizweni ngenyanga edlule.
“I-EFF yiqembu elifuna ukuphazamisa, lehlise isithunzi sePhalamende. Lifuna ukuthi kube nodweshu ePhalamende ukuze kungasebenzeki.”
Uthe bayasichitha lesi siphakamiso se-EFF.
UMnuz Narend Singh we-IFP uthe kudingeka kube nophenyo olunqala lwePhalamende ngokwenziwa ngusomlomo.
Unxuse amaqembu ezepolitiki ukuthi ayeke ukulokhu efaka lezi ziphakamiso, wathi kudingeka kuvikelwe iPhalamende, kulandelwe imigomo ebekiwe.
“Asiseseki isiphakamiso se-EFF ngoba yenza izinsolo eziqinile kakhulu.”
UMnuz Pieter Groenewald, weFreedom Front Plus, uthe abavikeli bakamengameli baqeqeshiwe futhi uyabancoma ngokuthi bamvikela njengoba amalungu e-EFF amane agibela esiteji efuna ukumbhikishela.
Uthe kumele kube nendlela yokuxazulula izinkinga nokungaboni ngaso linye.
“Asiseseki isiphakamiso se-EFF.”
UMnuz Steve Swart we-ACDP uthe kwakumele umengameli avikelwe, wathi abaseseki isiphakamiso se-EFF.
“Malema, ngifuna ukukutshela ukuthi akuwena ophethe. Ukhona umuntu ophethe, nguNkulunkulu.”
UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM uthe njengoba ungekho umbiko wophenyo olunzulu olwenziwe yiPhalamende ngalesi sehlakalo, abakwazi ukuseseka lesi siphakamiso.
UMnuz Vuyo Zungula we-ATM uthe usomlomo ukhipha amalungu akhuluma kakhulu ePhalamende ngoba evikela abaholi.
Uthe uzama ukusabisa amalungu, wathi umsebenzi wakhe njengosomlomo wukuvikela amalungu endlu.
“Siyaseseka isiphakamiso se-EFF sokususa usomlomo.”