Igaraji elisematheni ngemuva kokuvela kwemibiko yokwebiwa kwemoto ekade iyolungiswa khona lithi wumshophi owenzekile.
Iziko lezindaba elinguzakwebo weSolezwe, i-IOL libike ukuthi uDarrel Shanmugam wasePhoenix wahambisa i-VW Amarok Aventura yakhe kwaBarons VW emgwaqeni u-Edwin Swales ukuthi iyolungiswa.
Imoto yakhe yebiwa ngo-Okthoba 28 nonyaka ngemuva kokuyihambisa khona ngo-Agasti. Kuthiwa yebiwa ngosuku olufanayo nalolo afonelwa ngayo kuthiwa akazoyilanda.
UShanmugam ukhale ngokuthi igaraji linqabe ukumboleka imoto futhi lanqaba ukuvuma ukuthi ukwebiwa kwemoto yakhe yiphutha lalo lathi akakhulume nabomshwalense wakhe.
Umeluleki wezomthetho weNMI Insurance uPieter Smit ukuqinisekisile ukuthi bayazi ngokwebiwa kwe-Amarok ebiza ngaphezu kuka-R1 million kwelinye lamagaraji abo eThekwini.
Uthe abayizibanga i-IOL kodwa abawatholanga ama-emails ayo.
Ukuphikile nokuthi baziba ummeli kaShanmugam ngesikhathi ezama ukuthola i-video yamakhamera eveza abantu ababili bephuma egaraji nemoto.
“Siyakuqinisekisa ukuthi abammeli bethu baxhumanile nabammeli bekhasimende futhi akukho okuzitshiwe. Lesi yisigameko esiwumshophi esisithathela phezulu futhi konke okuholele kuso kuyaphenywa,” kusho uSmit.
Uthe basebenza ngokubambisana namaphoyisa akwaSAPS nabomshwalense wabo futhi bayaxhumana nabameli bakaShanmugam ukuze bethole isisombululo.
Uthe ngeke besaphawula ngoba udaba lusaphenywa.
UShanmugam uthe uqashe ummeli ukuthi amsize athole okuqoshwe ngamakhamera imoto yebiwa. Uthe abammeli bakhe abaphumelelanga futhi bazitshwe izikhawu.
Kuma-email phakathi kwabameli bakhe nabegaraji, abegaraji bacele ukuthi uShanmugam aveze ubufakazi bokuthi imoto eyakhe, achazee kungani ibingenayo i-number plate, kungani enganawo umshwalense nokufakazi bokuthi imoto ibingenayo i-tracker.
Bafune nokuthi imoto yathengwa kuphi nangamalini.
Abammeli bakaShanmugam baphendule ngokuthi ukufuna lamaphepha ngeke kwenze igaraji libe msulwa ekwebiweni kwemoto.
UShanmugam uthe imoto ibingenawo umshwayelense futhi ingenayo i-tracker ngoba bekusanezinto abesadinga ukuzilungisa.
“Bengingayithatheli umshwalense ngingakayifaki ne-tracker ngoba bengisalinde ukuthi kulungiswa amalapho kwi-dashboard. Bese ngihlelile nabe-Matrix Vehicle Tracking ukuthi bangifakele i-tracker futhi bangisize nangentengo yomshwalense uma isilungisiwe.”