LIKUBEKE eqhulwini ukubaluleka kokudaleka kwamathuba omsebenzi ibandla, iLight For Africa, yingakho liqeqesha abantu ngokuthunga KwaMashu.
Lokhu kudalulwe yiNhloko yebandla uMfundisi Jeremiah Mdlalose. Ubekhuluma ngesikhathi isikole sebandla, iLight For Africa School of Sewing sihalalisela abafundi abaso abaphothule izifundo.
Benze umcimbi wokubagqokisa amajazi abaphumelele. Umcimbi ubusesizindeni salo esikwa-K, KwaMashu.
UMdlalose uthe inhloso yesikole ukunikezela ngoqeqesho lokuthunga ebantwini abanentshisekelo ukuze baziphilise ngakho.
Uthe uhlelo alukhethi iphela emasini, yize kungelebandla kodwa lufaka phakathi namalungu omphakathi.
"Obekumqoka ukuthi njengebandla kube khona esikwenzayo ukuze siqeqeshe abafisa ukungena bagxile kwezokuthunga,'' echaza.
Uveze ukuthi abaphumelele oqeqeshweni bayabathatha basebenzisane nabo ngoba lesi sikole sithungela izikole zamabanga aphansi zakuyona le ndawo.
Uveze ukuthi uhlelo luphumelela nje, yingoba bathole uxhaso kubefundisi abaphinde babe ngosomabhizinisi baseSpringfield Missouri United State of America (USA).
Uthe ubonga kakhulu kubona bobabili abefundisi okunguMfundisi Chuck Eastman noMfundisi Gary Larimore abebeyingxenye yomcimbi.
U-Eastman ugcizelele ukubaluleka kokuba ibandla likaNkulunkulu libonakale lenza umehluko emphakathini elikuwona.
"Savumela phezulu ngesikhathi uMdlalose esazisa ngomcabango anawo wokusungula isikole sokuthunga esizoqeqesha sigcine sesidala namathuba omsebenzi,'' esho.
Uthe bethemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi bazoba baningi abantu ababonakala behlomula kulona.
Kulo mcimbi bekunandisa iqembu lesicathamiya iWhite Mambazo.