OWESIFAZANE okukholakala ukuthi udunyiswe yizinkundla zokuxhumana njengoba ehlale enameka ama-video kwiTik Tok, uphika uhlanza akudle ngayizolo ukuthi uyena lo obonakala ebanjwa kabuhlungu futhi eshaya ngezimpama amaphoyisa abezama ukumnqanda eqonde ngqo kuMengameli Ramaphosa neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Lokhukwenzeke ngesikhathi kunomcimbi wokwethula ngokusemthethweni umfuziselo weLembe uShaka esikhumulweni sezindiza, iKing Shaka International Airport ngoLwesine.
Ngokweminye imithombo yabezindaba, u-Akhona Blaai, uke wabhala emakhasini akhe wazibiza ngonkosikazi weSilo. Ebuzwa, uthe yebo wakubhala ukuthi ungunkosikazi kaMisuzulu kodwa wayezidlalela. Ubegcizelela ngokuthi akuyena lo obonakala ezithombeni. Kodwa okucacile wukuthi uma ubuka izithombe emakhasini akhe, uyena nse lo obonakala kulo mcimbi.
Akucaci nokho ukuthi lo wesifazane ubedlubulundela ngoba efuna ukuya kuRamaphosa noma eSillweni samaZulu.
“Bekungemina...ngiyibonile nami i-video. Bonke abantu bathi yimina,” ucashunwe esho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe lolu daba lusezithebeni zamaphoyisa ezingeni likazwelonke.