INKANTOLO iwachaze njengabantu abazenza oNkulunkulu empilweni ka-Andile “Bobo” Mbuthu (16) amadoda ambulala ngokuthanda kwawo futhi esebenzisa indlela eyayinesihluku nonya olwesabekayo.
Lokhu kushiwo yimantshi uSanele Hlatshwayo ngesikhathi igweba o-Andile Nhleko (32), Mncedisi Mzobe (32), Lindani Ndlovu (26) noMalusi Mthembu (32) ngoLwesine.
INkantolo yeMantshi yaseVerulam igwebe uNhleko, uMzobe, noNdlovu isigwebo sikadilikajele umuntu ngamunye ngecala lokubulala, yababhansela ngeminye emithathu ngokuthumba umufi.
UMthembu ugixabezwe ngesigwebo seminyaka engu-12 ngecala lokubulala neminye emithathu ngelokuthumba. Kuthiwe wabamba iqhaza elincane kwenziwa icala.
“Indlela enenza ngayo nayeka ukuba abantu ngosuku lwesigameko. Nenza isihluku futhi anikhombisanga ukuzisola ngakho enkantolo. Nibambezele inkantolo iminyaka emine ngento ebikade isobala ukuthi nayenza njengoba namanje nisaphika ukuthi nabulala,” kusho uHlatshwayo.
Izolo, la madoda asole uzakwabo owaphenduka ufakazi woMbuso, athi ngokukhahlela kwakhe umufi esifubeni akholelwa wukuthi kwambulala. Wona athe amthintathinta nje.
Phambilini, icala alisulela ngoMnuz Mlungisi Thabethe, osewashona futhi ochazwe yinkantolo ngomphehli wakho konke okwenzeka, athi nguyena owayalela ukuthi ashaywe uBobo.
UHlatshwayo ukuthathe njengembudane okushiwo yiwona, wathi umufi wayeshaywa kusetshenziswa imvubu, induku yegalofu neye-hockey futhi ekhahlelwa okwenzeka eside isikhathi enganikwe thuba.
Uthe la madoda asishaya indiva isicelo sikadadewabo kamufi owafika eshaywa ukuba ayiswe emtholampilo.
Azikhalelile ecela ukuthanjiselwa isigwebo athi asemancane, ayaqala ukulahlwa yicala, awakaze agwetshwe phambilini futhi anezingane azinakekelayo.
UHlatshwayo uthe lokhu kuyizizathu ezijwayelekile futhi ezingenaso isisindo uma kuqhathaniswa nendlela enonya okwabulawa ngayo uBobo.
Inkantolo ithe izigwebo ngeke zimbuyise umufi kodwa ziqinisekisa ukuthi buyenziwa ubulungiswa. Imantshi ikhale ngokwanda kwamacala okubulala, yathi abawenzayo bayakhohlwa ukuthi abagilwa bangabantu nabo.
Ithe kuwumsebenzi wenkantolo ukususa emphakathini ababulali, inqande abebesacabanga ukwenza amacala afanayo futhi ibuyise ithemba kubantu ngomsebenzi wezinkantolo.
Uhambe emazwini kamshushisi uMnuz Ntuthuko Mngadi ocindezele la madoda ngobufakazi kwaze kwaba ayagwetshwa.
UBobo washaywa washona endaweni yobumnandi eMagagula Lounge, eyayiseHambanathi, esolwa ngokweba utshwala.
Isidumbu sakhe safakwa ebhuthini yemoto kwayiwa naso ephathini kaThabethe, kwayobhiyozwa, kwase kudlulelwa eBhamshela, lapho esashiswa khona ubusuku bonke.
Ngakusasa ekuseni, izinsalela zaso zahlakazwa ngepiki zafakwa ezikhwameni nezitina zaphonswa emfuleni.
Yavusa uhlevane nomunyu i-video yango-2020 eyayikhombisa uBobo eshaywa elele phansi egxiza igazi emabokobo.
Umalume kaBobo, uMnuz Ntobeko Ngidi, uthe bayasijabulela isigwebo futhi umufi uzilwelile ngisho engasekho emhlabeni kwaze kwaba ababulali bakhe bayagwetshwa.
UNgidi uthe bebelukhulekela lolu suku kwaze kwaba luyafika.
“Besiphila ngomthandazo ubusuku nemini. Sibonga ukwesekwa esikuthole ebantwini abasonta nonina kaBobo, umphakathi waseHambanathi neNingizimu Afrika yonkana. Isenzima impilo kadadewethu obekade engekho enkantolo ngoba yamhlukumeza kakhulu indlela okwathathwa ngayo impilo yendodana yakhe, eyayinobuhlakani,” kuchaza uNgidi.
Amakholwa nabomndeni basijabulele isigwebo, bathi inkantolo ibenzile ubulungiswa.