IZINHLANGANO ezilwela amalungelo ezingane zigxeke inkulumo kaNgqongqoshe wamaSiko namaCiko KwaZulu-Natal, uNksz Hlengiwe Mavimbela, ogqugquzele ukuthi kushaywe izingane emakhaya uma zonile.
Ekhuluma eMkhosini weSivivane esigodlweni KwaKhangela, KwaNongoma, ngempelasonto uNksz Mavimbela uthe nezakhe uyazishaya.
“Azive zisisaba izingane zethu, mina nginengane yomfana eneminyaka ewu-25 kodwa ngiyayishaya namanje. Bese sikhuluma kabi ngohulumeni sithi wathi izingane azingashaywa sizoboshwa. Kwami kukhala esami isicathulo ayikho ingane ezongibopha ngoba ngiyishayile,” kusho uNksz Mavimbela.
UNksz Mavimbela uthe izingane uma zonile abazali akumele bathalalise kodwa kumele zijeziswe ngendlela ukuze zizofunda.
“Ingane yakho uma ingena endlini isikhahlela izicabha iphuze utshwala, kumele ungumama uthi ayi la ekhaya angisiphakeli isidakwa.”
UNksz Mavimbela uthe umzali kumele angathuli uma ingane yakhe ifika nezimpahla ekhaya angazazi ukuthi zivelaphi.
UNkk Dumisile Nala weChildline, uthe kabahambisani nhlobo nokuthi izingane zijeziswe ngokushaywa ngoba lokhu kuholela ekutheni izingane zigcine zihlukumezeka ngokuxakile.
“Umsebenzi wenhlangano wukuba sivikele amalungelo ezingane, zingahlukumezeki. Sithola ezikhathini eziningi ukuthi izingane zihlukunyezwa ngabantu ezibaziyo. Umzali ahluthuke noma edinwe ngokweqile bese ushaya ingane ilimale. Lokho kusuke sekuba yicala.”
Uthe akungajeziswa izingane ngenduku kodwa akube nezinye izindlela zokujezisa.
“Siyavuma ukuthi izingane ziyaganga kodwa akusho ukuthi azishaywe. Kasihambisani nesitatimende esenziwe ungqongqoshe,” kusho uNkk Nala.
Uthe ukushaywa kwengane ekhaya kuba nomthelela omkhulu empilweni yayo kokunye iphazamiseke nasemqondweni.
“Sihlala emphakathini onodlame olumangalisayo ngoba abantu bakholwa wukuthi induku iyaqondisa. Babona isisombululo sayo yonke into kuyinduku noma ukushaya,” kusho uNkk Nala.
UNksz Sbo Ngcobo, wenhlangano yamalungelo ezingane i-Bobby Bear, uthe abakuvumi ukuthi izingane zishaywe emakhaya ngoba ziyahlukumezeka.
“Kasivumelani nhlobo nokushiwo nguNgqongqoshe ngoba izingane ziyalinyazwa. Ziningi izindlela zokujezisa ngaphandle kokushaya. Uma induku ingahlukumezi yini eyenza induku ivalwe ezikoleni? Abantu basebenzisa ukudinwa bese beshaya ngokweqile.”
Uthe uma kukhulunywa emphakathini kumele kukhulunywe ngezinto ezizokwakha hhayi ezizobhebhethekisa udlame.
“Asakhe isizwe, induku ayakhi,” kusho uNksz Ngcobo.
UNkk Phathisa Mfuyo, wezokuxhumana emnyangweni, uthe ungqongqoshe ubengaqondile ukushumayela ivangeli lenduku emakhaya kodwa ubekhuluma ngokuthi abazali kumele bagqugquzele ukuziphatha kahle ezinganeni emakhaya.