OWESILISA ovume icala lokubulala uNksz Hillary Gardee ngo-Ephreli, nyakenye, utshele amaphoyisa encwadini efungelwe ukuthi wasebenzisa isibhamu soMbuso ukumbulala.
UNksz Gardee wayeyindodakazi kalowo owayengunobhala jikelele we-EFF, uMnuz Godrich Gardee. UNksz Gardee kwabikwa ukuthi unyamalele ngo-Ephreli 29, eNelspruit. Isidumbu sakhe satholwa silahliwe ehlathini eliseMbombela, emva kwezinsukwana kubikwe ukuthi unyamalele.
Encwadini eshaqisayo, uMnuz Hlabirwa Rasie Nkune, utshele amaphoyisa ngo-Agasti, nyakenye, ukuthi wayeyedwa vo ngesikhathi ebamba uNksz Gardee inkunzi. Kule ncwadi uveza ukuthi wambamba imali enguR1 500 ngaphambi kokuthi amdubule kanye esiphundu ngesikhathi embalekela.
UNkune uveza ukuthi wasebenzisa uhlobo lwesibhamu lwe-9mm PX4 pistol owayekade esiphuce iphoyisa endaweni yaKwaNyamazane, eduze kwaseNelspruit.
Encwadini yakhe efungelwe, esivele yamukelwe enkantolo njengoba izoba yingxenye yobufakazi ecaleni, akababali laba abesilisa abathathu aboshwe nabo, noma asho iqhaza abalibamba ngesikhathi kubulawa uNksz Gardee.
Kunalokho, ubalula amagama abanye abangani bakhe, athe baheha nabo abesifazane ezinkundleni zokuxhumana, kuthi ngesikhathi sebehlangana nabo ubuso nobuso, babadlwengule bese beyababulala.
Uthe lokhu bakwenza uma sebebabambile inkunzi izinto zabo ezifana nemali, amaselula nezimoto.
Amaphoyisa aseMpumalanga ayebophe uMnuz Sipho Mkhatswa, Mnuz Philemon Lukhele noMnuz Albert Gama. Ayethe asolalaba bobathathu gecala lokudlwengula nelokubulala uNksz Gardee eNsika GuestLodge, umnikazi wale ndawo okunguLukhele.
Kusukela ngosuku lokuqala eboshwa la madoda abelokhu esho ukuthi awanacala, yize kunjalo amaphoyisa abelokhu egcizelele ukuthi ubufakazi bukhomba ukuthi ayathinteka. Kule ncwadi esayindwe ngoAgasti 13, uNkune uthe wahlangana noNksz Gardee kwiFacebook, baqala ukuthandana khona yize yena wayeyazi inhloso yakhe yangempela.
Uthe emva kwamasonto bexoxa kwiFacebook nakwiWhatsApp, bavumelana ngokuthi bahlangane ngo-Ephreli 29, ngoba wayazi ukuthi kuzobe kuphele inyanga, maningi amathuba okuthi uNksz Gardee wayezobe enemali. Ngosuku lwesigameko, wahamba wayohlangana noNksz Gardee nendodakazi yakhe angayizali ayeyikhulisa eneminyaka emithathu.
Uthe wabe esethatha umgwaqo uLydenburg, nathi uNksz Gardee wambuza ukuthi uyaphi, wathi wamphendula ngokuthi kukhona umuntu afuna ukuya kuyena.
“Ngangiqamba amanga, ngangazi kahle ukuthi ngiyombamba inkunzi,” kuchaza uNkune encwadini yakhe.
Uthe wabe esemisa imoto emgwaqweni oyibhuqu, lapho afike amtshela khona uNksz Gardee ukuthi akuthandwanwa la kodwa uzobanjwa inkunzi, into efunekayo imali.Uthe uNksz Gardee wamtshela ukuthi akanayo imali, waze wavula ngisho ne-app yakhe yasebhange kwiselula yakhe lapho okwavela khona ukuthi imali anayo uR1500 kuphela. Wamphoqa ukuthi amthumelele wona nge-cash send. Uthe wamtshela uNksz Gardee ukuthi incane le mali, wathi uzotshela umfowabo ukuthi amfakele enye imali.
Uthe ngesikhathi sebebuya egaraji ukuyokhipha imali, uNksz Gardee wambhozomela, wambamba ngezingubo ayezigqokile, kwaze kwahlephuka ihembe ayeligqokile ngaphambi kokuthi ehle emotweni ihamba.
Uthe wamisa imoto, wamjaha uNksz Gardee ngaphambi kokuba amdubule esiphundu. “Wawa, ubuso bakhe babheka phansi,” kusho uNkune.
Uthe wamshiya kanjalo uNksz Gardee, washaya imoto wabheka elokishini Kamagugu lapho wafike walaxaza khona indodakazi kaNksz Gardee, wayiyalela ukuthi igijime iyocela usizo emzini oseduze.
Uthe wabuyela eNelspruit, lapho wafike wadayisa khona iselula kaNksz Gardee ne-laptop ngoR2 500. UNkune owayekade esebalekele eMozambique ukuyobhaca, waboshwa KwaThema, eSprings, ngo-Agasti11, nyakenye, emva kokubuya kwakhe eMozambique.