AZIMANGALANGA izazi zomnotho iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb) ligcina imali-mboleko ku-8.25%.
USolwazi Bonke Dumisa uthe iBhange loMbuso ngeke liyinyuse imali-mboleko okwamanje ngoba amandla emali asephakathi kwesilinganiso seSarb efuna abe phakathi kuka-3% no-6%. Amandla emali aku-4.8% esuka ku-4.7% akade ekuwona ngoJulayi.
Isazi somnotho saseFNB, uNkk Mamello Matikinca-Ngwenya, sithe iBhange loMbuso aliyilungisanga imali-mboleko okwamanje ayikho ingcindezi etheni emnothweni.
Ubalule ukuthi abantu abakwazi ukuboleka imali ngenxa yokuthi izinga lempilo liyabiza futhi namandla emali asantenga.
“Umnotho awukhuli kahle, inkinga yokunqamuka kukagesi ayikaxazululeki, uwoyela ongahluziwe kulindeleke ukuthi unyuke okusho ukuthi amandla emali azontenga, hhayi ngenxa yethu kodwa ngenxa yezinto ezenzeka kwamanye amazwe. Lesi simo sisho ukuthi okwamanje imali-mboleko ayikezukwehla,” kusho uNkk Matikinca-Ngwenya.
Umphathi weBhange loMbuso, uMnuz Lesetja Kganyago, uthe ukhathazekile ngokubiza kokudla, ukunyuka kukaphethroli umlibe nangokunqamuka kukagesi.
Ebuzwa ukuthi akacabangi ukuthi uhleli emahlombe abantu abanezikweletu njengoba engayehlisi imali-mboleko, uzithethelele ngokuthi iSarb ibhekelela wonke umuntu wakuleli nesimo somnotho.
“Inhloso yethu akukhona ukushaya abanezikweletu noma ukucebisa abangenazikweletu. Sibheka okwenzeka ezweni nasemhlabeni jikelele bese sithatha isinqumo. Amalungu amathathu avotele ukuthi imali-mboleko siyigcine ku-8.25%, kwathi amabili avotela ukuthi inyuswe ngamaphuzu awu-25,” kusho uKganyago.
Uthe izwe alilengeli kwinzikamnotho ngakho abantu mabakhululeke.
Abazoboleka imali emabhange kufanele balindele ukuthi inzalo abazoyikhokha izoqala ku-11.75% njengoba iPrime lending rate isimi lapho.
Umhlangano olandelayo uzoba ngoNovemba 23.