ISIKHULU esiphezulu somkhandlu oqinisekisa izingabunjalo lemiphumela ka-matric Umalusi uDkt Mafu Rakometsi, uthe phansi amaphaphu kwababhala leli banga njengoba uphenyo abalwenzayo ngephepha leMaths lungeke luphazamise ukukhishwa kwemiphumela.
URakometsi uphawule kanje kulandela ukuqokwa kwethimba elizophenya isikhalo ngokuthi kwaba nephutha ephepheni lesibili leMaths elibhalwe ekuqaleni kwale nyanga.
Uthe bazophendula kabanzi ngabakutholile uma sebegunyaza ukukhishwa kwemiphumela.
“Sizokwenza isimemezelo uma sesigunyaza ukukhishwa kwemiphumela ngoJanuwari 16, 2023. UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga uzomemezela imiphumela ngoJanuwari 19, 2023. Sifuna ukuqinisekisa abafundi nomphakathi ukuthi akekho ozoba yisisulu ngenxa yaleli phutha kulo mbuzo waleli phepha.”
Uthe baqoke ithimba longoti abathathu abazophenya bese bethula umbiko kulo mkhandlu.
“Ithimba lizophenya ukuthi langena kanjani leli phutha nokuthi kwenzeka kanjani ukuthi abasetha iphepha bangaliboni. Kuzobhekwa nokuthi kungani labo abahlolisisa yonke into ngaphambi kokuba iphepha ligaywe bengalibonanga iphutha.”
Uthe bazobheka nokuthi ngabe kwalandelwa yonke imigomo ebekiwe uma kusethwa amaphepha kuze kube liyagaywa, libhalwe.
Ithimba liholwa nguNksz Penelope Vinjevold, oke waba yiphini lomqondisi jikelele emnyangweni wemfundo eyisisekelo kanti usathatha umhlalaphansi.
Abanye oSolwazi Sudan Hansraj, ungoti weMaths enyuvesi yaKwaZulu-Natal kanjalo noSolwazi Nic Heideman, ofundisa iMaths enyuvesi yaseKapa.
Usolwazi Hansraj uyilungu leSouth African Tertiary Mathematics Olympiad (SATMO), aphinde abe yilungu le-International Society for General Relativity and Gravitation (ISGRG).
Kwaba nesikhalo esikhulu kwababhala leli phepha ngaleli phutha baze banxusa ukuthi kube noshwele baphiwe amamaki ngoba iphutha kwakungelona elabo.