KUPHOQELEKE ukuthi kuhlatshwe ikhefu ngesikhathi ufakazi uMnuz Mthokozisi Thwala, owayengumngani kaSenzo Meyiwa, evukwa wumunyu ngenkathi echaza indlela amaphoyisa amshaya ngayo waze wachama, emphenya ngokufa komngani wakhe.
UThwala ubethula ubufakazi eNkantolo eNkulu ePitoli lapho kuqhubeka khona icala lokubulawa kwayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uMeyiwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, ngo-2014. UThwala uqale ukwethula ubufakazi bakhe ngoLwesibili, kanti ungufakazi wesine ukubizwa. Ungowesibili ukubizwa kwababekhona endlini ngobusuku besigameko.
UThwala uthe kunethimba lamaphoyisa elamlanda kubo eMlaza, eThekwini, ngo-2019, lamtshela ukuthi kuboshwe umuntu yena kufanele azomkhomba ukuthi wuyena ngempela yini owabulala uMeyiwa? Uthe kwakukhona nomphenyi wesifazane athe wuButhelezi.
Uthe amaphoyisa amthatha aya naye ePitoli ehhovisi lawo, wathi kulapho afike amnabisa khona ngesibhaxu waze wazichamela. UThwala uthe kwangena amadoda amabili ambopha izandla nezinyawo ambuza ukuthi bambulaleleni uSenzo?
“Ngashaywa cishe laphela ihora ngizama ukumemeza ngikhala, basuka balanda umata bawubeka kimi maqondana nobuntu bami. Yiwona umata lowo engachamela kuwona ngesikhathi bengifake ishubhu. Baqhubeka bangishaya kwaze kwasa ngoba ngaze ngabona kuphuma imisebe yelanga, ikhanya ewindini legumbi esasikulona,’’ kusho uThwala.
Uthe indlela abamshaya ngayo babekhathala baze balale baqhubeke baphikisane, omunye athi akayekwe omunye athi abaqhubeke bamshaye. Uthe emuva kwalokho, kwabuya iphoyisa lesifazane uButhelezi embuza ukuthi ngabe namanje akakafuni yini ukukhuluma iqiniso?
Uthe emuva kwalokho, uButhelezi wabuza ukuthi kufanele kwenziwenjani kodwa yena uThwala wazithulela wambuka nje. Uthe emuva kwalokho, wathi abamuse kubo kodwa bahamba naye baya emzini oseduze nalowo okwafela kuwona uMeyiwa. Uthe bafika lapho bathi akakhombe lapho ajomba khona ngosuku lwesigameko.
Uthe bamhambisa kubo base emuva kwalokho iphoyisa uButhelezi lamthinta lamcela ukuba abhale isitatimende achaze ukuthi wayengekho endlini kudutshulwa uMeyiwa. Icala lihlehlele usuku lwanamuhla kanti kuzoqhubea yena uThwala.