IMANTSHI uNkk Vivian Cronje, ewufakazi ecaleni lokubulawa kukanozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa, ithe igabe ngenkulumo eqoshiwe ummangalewa wesibili evuma icala. UNkk Cronje ongufakazi woMbuso utshele inkantolo ukuthi uMnuz Bongani Ntanzi walethwa kuye enkantolo ezovuma icala.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. UNkk Cronje onesipiliyoni seminyaka engu-26, uthe inkulumo yakhe noNtanzi iqoshiwe futhi uMbuso unayo yonke.
“Ummangalelwa walethwa amaphoyisa ehamba nommeli wakhe, ngamchazela yonke imicilikisho yokuvuma icala kukhona notolika. Wazivumela yena konke wathi akaphoqwe muntu futhi ikhona ingxoxo yethu eqoshiwe. Wasayina isitatimende, ngasayina nami notolika ngokunjalo,’’ kusho uNkk Cronje ekhuluma ngesiBhunu etolikelwa.
UNkk Cronje uthe nakuba uNtanzi wayeboshwe ngozankosi kodwa wayekhululekile nje, ekhuluma engakhombisi ukuxwaya futhi amehlo akhe ayeqonda ngqo engashalazi uma ekhuluma. UNkk Cronje uthe wambuza ngokuthi kukhona ukulimala noma ukungaphatheki kahle, wathi akukho.
UNkk Cronje uthe ummangalelwa wacela ukunikwa ithuba lokugeza, athole ezinye izimpahla zokugqoka bese eshayela ucingo umndeni wakhe. Kuvele ukuthi uNtanzi wakhala ngokuthi ubengakaze ageze izinsuku ezine eboshiwe.
Kuvele ukuthi inkulumo eqoshiwe idonsa amahora amathathu lapho uNtanzi evuma icala elandisa imantshi konke okwenzeka. UNkk Cronje uthe uNtanzi ngesikhathi evuma icala kwakukhona owayengummeli wakhe, uMnuz Dominic Mjiyakho, owabona ukusuka nokuhlala okwakwenza.
Ummeli kaNtanzi, u-Advocate Thulani Mngomezulu, uthe ikhasimende lakhe liyakuchitha ukuthi lavuma icala.
“Wakwenza lokho engaphansi kwengcindezi, hhayi ngokuthanda kwakhe. Ukuvuma icala sizokuphosela inseleleo ngaphansi kwalezo zizathu, nkosi yenkantolo,’’ kusho uMngomezulu.
Ibingaqali ukuvela indaba yokuvunywa kwecala ngoba nommangalewa wokuqala uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya kuvele ukuthi naye walivuma emaphoyiseni. Nokuvuma kwakhe kuzophoselwa inselelo ngoba uthi wayeshaywa aze avume.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo namuhla, kuphoswe ngemibuzo uNkk Cronje.