UNGEBASOLE abahleka usulu uma kukhishwa isimemezelo sokuthi izimo ezithile zizojutshelwa ukuphenywa yikhomishini eNingizimu Afrika ngoba lowo mthetho usulithuna lokungcwaba amachilo afanelwe ukubhekana nomthetho kwaphela nya.
Izwe ligutshuzelwe yithombonkala ngemibiko yamakhomishini adla ezishisiwe izimali kodwa iningi lawo aseze aqaqelwa ubulwembu ezinqolobaneni zikahulumeni kungathathwa zinyathelo.
Sekujwayelekile ukuthi kujutshwe ikhomishini thizeni ukuze iphenye, bese ibiza abezindaba yethule umbiko neziphakamiso emva kwalokho kuthule kuthi cwaka!
Ikhomishini yophenyo ngokomthetho isuke ijutshwe ngumengameli noma ngundunankulu wesifundazwe uma kukhona udaba oluxakile futhi oludinga ukuphenywa ukuze kutholakale umnyombo walo, bese kuvezwa ikhambi.
Akhona amakhomishini anjengalena eyayiholwa yiJaji u-Ian Farlam, eyayiphenya ngokuqothwa kwabasebenzi basemgodini eMarikana. Udaba lwaseMarikana, lwashiya abaningi beshaqekile emuva kokuthi amaphoyisa eqothe ngenhlamvu abasebenzi ababetelekile.
Kuke kwaba khona ikhomishini eyayiphenya ngodaba lwemfundo yamahhala eyayiholwa yiJaji Jonathan Heher, eyayinikezwe umsebenzi wokubheka ukuthi ingalunga yini imfundo yamahhala kuleli.
Maningi amanye amakhomishini ezigcawu zophenyo ake aba khona kuleli.
Sekuvamisile ukuthi kube nezikhalo ngokuthi amakhomishini awasizi kakhulu kulokhu asuke ephenya ngakho ngoba imibiko yakhona iphelela emoyeni. Abantu basuke belindele ukuthi umphumela ophathekayo futhi kucace nokuthi ikhomishini leyo isiza ngani.
Kuleli sonto eliphelayo kade kwethulwa umbiko weSouth African Human Rights Commission (SAHRC), ngophenyo lwayo ngezibhelu zangoJulayi 2021. Izibhelu ezashiya izingxenye zezwe ziwumlotha kukholakala ukuthi zihlobene nokuboshwa kowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma.
UZuma waboshwa ngecala lokwedelela umyalelo wenkantolo wakhonjwa ejele izinyanga eziwu-15. Kukholakala ukuthi yiwo umyalelo wenkantolo owathukuthelisa inqwaba yabantu, yavuka umbhejezana. Ngokusho kwabe-SAHRC kabukho ubufakazi obukhomba ukuthi izibhelu zazihlobene nokuboshwa kukaZuma.
Uphenyo lwe-SAHRC lwelama inqwaba yamanye amakhomishi ake aba khona ezweni ngezigameko ezahlukene. Ikhomishini esakhumbuleka kakhulu yileyo ephenya ukuwulawulwa koMbuso yidlanzana ebiholwa yiJaji Raymond Zondo.
Ikhomishini kaZondo yadonsa isikhathi eside kakhulu futhi yayinikwe umsebenzi obanzi wokuphenya ngenkohlakalo nokunye okujulile. Ukuqhutshwa kwekhomishini kwadla izigidigidi zemali yabakhokhi bentela futhi umbiko wayo wethulwa kuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.
Umbiko kaZondo wawunenqwaba yeziphakamiso okwakufanele uhulumeni azilandele ukuze kulungiswe isimo nomonakalo okwakuthiwa udalwe yinkohlakalo yedlanzana. UMengameli qobo lwakhe wabizwa kule khomishini wethula ubufakazi bakhe futhi wazibophezela ekutheni uzosebenzisana nekhomishini.
IJaji uZondo lisanda kuphumela obala libhoka ngokuthi lethula umbiko kodwa awukho umnyakazo eliwubonayo wokuzama ukusebenzisa iziphakamiso ezisembikweni walo. Isikhalo sikaZondo sasusa omkhulu umsindo i-ANC ikhala ngokuthi ubelesela yona nohulumeni.
Ngaphandle kwekhomishini kaZondo, umengameli wezwe waqoka ithimba lakhe lezazi ukuthi lizame ukuthola kabanzi ukuthi kwenzekeni kuze kushe izwe. URamaphosa wawuthola umbiko wethimba.
Ngaphandle kwalokho iSAHRC isanda kwazisa umphakathi ngombiko wocwaningo olwenziwa ngokusweleka kwamanzi KwaZulu-Natal. Kwenziwa iziphakamiso ezithile, nakhona akwaziwa noma zilandeliwe noma zisazolandelwa.
Uhulumeni waKwaZulu-Natal uke wajuba uphenyo ngenkinga enkulu yokusocongwa kosopolitiki esifundazweni. U-Advocate Marumo Moerane, nethimba lakhe baphenya bawukhipha umbiko oneziphakamiso banika uhulumeni wesifundazwe.
Isihlava sokubulawa kosopolitiki namanje sisaqhubeka esifundazweni futhi akwaziwa noma umbiko neziphakamiso kwasetshenziswa yini. Nalapho kwakusebenza imali yabakhokhi bentela futhi kwakunethemba lokuthi kukhona umehluko ozoba khona.
Ilungu elimele i-DA ePhalamende, uNkk Dianner Kohler Barnard, lithe liyakhala ngamakhomishini abonakala engasizi ngalutho. UBarnard uthe okuthusayo ngombiko wezibhelu wakamuva ukuthi uthi abukho ubufakazi bokuthi izibhelu zazihlobene nokuboshwa kukaZuma.
Uthe kushiya imibuzo ethi kanti uphenyo lwenziwe kanjani uma behlulwe ukubona into esobala kanje? Uthe kunamabhizinisi awu-40 000 nezitolo zabantu ezincane eziwu-50 000 ezangqongqishwa ngomlilo kwasala abantu abangasebenzi.
Uthe umnotho wafadalala kwacwila R50 billion kodwa ekugcineni kuzothathwa izinto kancane nje kuthiwe kwakungahlobene? Uthe kufanele izwe libheke ukuthi ngabe amakhomishini awusizo yini noma enza umsebenzi wawo ngendlela yini?
Kusanda kuqubuka umlilo ebhilidini thizeni elisedolobheni eGoli, lapho kwasha abantu. Nakhona kuqokwe ikhomishini yophenyo okuthiwa kufanele ithole ukuthi kwakwenzenjani. Kuzolindeleka ukuthi kuphume umbiko neziphakamiso zawo.
Mhlawumbe uhulumeni kufanele azibuze ukuthi amakhomishini, nezigcawu zophenyo ziyasiza yini bese kuqiniswa amabhawoti lapho okuxega khona.