UKWANDA kwabaholi be-ANC abanukeka enkohlakalweni sekuholele ekutheni le nhlangano iqale izifundo zokuziphatha eziyimpoqo kuwo wonke amalungu ayo.
UMengameli, Cyril Ramaphosa, uthe abaholi be-ANC bazofundiswa ngokuziphatha nangobuqotho.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvala umhlangano wesigungu esiphezulu, ophothulwe ngeSonto.
Kuyiwe kulo mhlangano kunenqwaba yabaholi be-ANC abasolwa ngenkohlakalo.
Phakathi kwabaholi be-ANC abasanda kuvela phambi kwekomiti lobuqotho kubalwa iphini likamengameli, uMnuz Paul Mashatile, noNgqongqoshe wezoBulungiswa, uNksz Thembi Simelane.
URamaphosa uthe bazokwethula ngokusemthethweni izifundo ezizonikwa amalungu e-ANC ngoMsombuluko.
Uthe umhlangano wesigungu esiphezulu uthathe isinqumo sokuthi bathathelwe izinyathelo bonke abaholi beqembu abangazange baye kovela ekomitini lobuqotho emva kokuthi amagama abo evele embikweni wekhomishini eyayiphenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
URamaphosa uthe i-ANC izogxila ekuzakheni kabusha.
“Sizogxila kakhulu emagatsheni. Sifuna ukwakha abaholi ababukhali emagatsheni. Sifuna ukuthi abaholi be-ANC bangahambeli kude nabantu. Sifuna ukuthi amagatsha e-ANC asukumele izinkinga ezikhungethe imiphakathi.”
I-ANC iqale ngokugubha usuku lokuzalwa kowaba umengameli wale nhlangano isikhathi eside, uMnuz Oliver Tambo.
Le nhlangano iqale ngokuba nomthandazo ngaphambi kokuthi abaholi bayo baye kobeka izimbali ethuneni likaTambo.
Ekhuluma ngesikhathi kubekwa izimbali, usihlalo we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uthe uTambo wahola i-ANC ngezikhathi ezinzima.
UMantashe uvikele isinqumo se-ANC sokusungula uhulumeni wokubambisana.
UMantashe uthe alikho iqembu elavinjwa ukuthi lijoyine uhulumeni wokubambisana.
“Thina sathi wonke amaqembu aweze, sisebenze. Labo ababeza nemibandela, ibona abashiya izingxoxo.”
UMantashe uthe babengeke bavumelane nombandela weMK wokuthi kufanele kuxoshwe uRamaphosa ukuze ibambisane ne-ANC kuhulumeni.
“Sayikhumbuza iMK ukuthi ngesikhathi i-EFF ibeka umbandela wokuthi kufanele kuxoshwe uZuma (owayengumengameli) ukuze ibambisane nathi, sanqaba. Sasingeke sivume ukuxosha uRamaphosa.”
UMantashe uthe abakujabuleli ukuba kuhulumeni wokubambisana, wathi baphoqwa yisimo.