ZIYAWUCHITHA izinhlangano ezenze izethulo ePhalamende ngomthetho-sivivinywa iBasic Education Laws Amendment Bill (Bela), ozonika inhloko yomnyango wezemfundo amandla okunquma isikole uma sesigcwele nozonyusa isigwebo sibe wunyaka kumzali onqabela ingane ukuthi iye esikoleni.
Lezi zinhlangano zikhala ngokuthi ngeke lisabonakala iqhaza labazali ezikoleni uma uphasiswa.
Lokhu kulandela izigcawu ezizoqhubeka ngelizayo zokulethwa kwemibono ngalo mthetho-sivivinywa.
Enye yezinhlangano evele phambi kwekomiti lemfundo eyisisekelo ePhalamende i-The ChristianView Network, iveze ukuthi abazali bazophucwa amandla ngokuphasiswa kwalo mthetho-sivivinywa.
Ithe okwamanje izinto zisahamba ngendlela ezikoleni, akumele kwenziwe izinguquko.
Izethulo ze-Equal Education (EE) kanjalo neze-Equal Education Law Centre (EELC), ziveze ukuthi kumele ichithwe eyokushushiswa komzali uma umfundi engayi esikoleni.
Lezi zinhlangano zithe ukuboshwa komzali ngeke kunqande inkinga yezingane ezilaxaza isikole.
Ziveze nokuthi izingane zizoba sengozini enkulu uma sekuboshwe umzali sezisele nozozigada.
Ezinye izinhlangano zichithe isiphakamiso sokuthi izikole zidayise utshwala uma kunemicimbi yokuqoqa imali ezikoleni.
I-DA engelinye lamaqembu elichitha lo mthetho-sivivinywa, isabise ngokuteleka uma uhulumeni eqhubeka nokuwufaka ngenkani lo mthetho.
Okhulumela i-DA kwezemfundo uMnuz Baxolile 'Bax' Nodada, uthe ezethulweni ezingu-18 000 ezilethwe ekomitini, u-89% wazo uyawuchitha lo mthetho-sivivinywa.
Uthe nezethulo zasePhalamende zifakazele lezo ezilethiwe ngoba izinhlangano eziningi zisawuchitha.
“Kucacile ukuthi abantu bakuleli bayawuchitha lo mthetho-sivivinywa. Sithole ukusayina okungu-30 000 kuzwakalisa ukuchitha lo mthetho-sivivinywa. Ngelizayo sizohambisa zonke iziphakamiso kuNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, zokuchitha lo mthetho-sivivinywa.”
USihlalo wekomiti uNkk Bongiwe Mbinqo-Gigaba, uthe baqale ukulalela izethulo kuleli sonto, wathi nangelizayo lolu hlelo luyaqhubeka.
Uthe bathole izethulo ezinhlanganweni eziyisikhombisa wathi basazoya nasemphakathini beyozwa ukuphawula kwawo.
“Okuseqhulwini kulo mthetho-sivivinywa wukwenza ube yimpoqo uGrade R, ukuphucula uhlelo lokwamukelwa kwabafundi ezikoleni, ukwengeza amandla anikwa ungqongqoshe wezemfundo nenhloko yomnyango ikakhulu ngokuba nezwi lokugcina uma isikole sesigcwele kanjalo nokunquma ngolimi oluzosetshenziswa kuleso sikole.”
Kuzokhumbuleka ukuthi isigungu esilawula isikole yisona esinezwi lokugcina uma isikole sesigcwele kanjalo nokunquma ukuthi yiziphi izilimi ezizofundwa.