LUJULILE futhi luyalumela udaba lokwehliswa kwelobolo oluthintwe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini. Kungaba kuhle ukuthi ludingidwe ngokucophelela bese kuphunywa nezwi elilodwa.
Yethula inkulumo muva nje, iNgonyama kaZulu, ihlokoloze udaba lwelobolo emkhankasweni weThe Good Men Foundation, olwa nodlame lwangokobulili. Umcimbi ubusenkundleni yezemidlalo iKing Zwelithini, eMlaza.
INgonyama yeluleke amadoda, yathi uma engaziphatha kahle futhi avikele abesifazane nezingane kungase kuxoxwe ngodaba lokwehliswa kwelobolo. OkaNdaba uthe kungaba nzima ukwenza lokho uma amadoda esaqhubeka nokushaya futhi abulale abesifazane.
Bahlale bekhala ngokuthi ilobolo limba eqolo, abanye bethi yilona elenza kube nzima ukuganana futhi kuholela ekutheni abantu bajole, bakipite, batholisane izingane bengaganene ngokusemthethweni.
Kumanje izinkomo zimba eqolo ngendlela ethusayo ekubeni nesimo somnotho sinzima ezweni. Ukuganiselana kwamaZulu kubukeka kubiza kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izizwe ezimnyama noma ezinye izinhlanga. Ngaphandle kwelobolo kukhona eminye imicilikisho njengezibizo, ingqibamasondo, imikhehlo, ukuphuca nokunye okufuna imali.
Uthini umlando welobolo ?
Ilobolo yizinkomo ezikhishwa wumndeni wensizwa esuke ifuna ukuganwa, ziye emndenini wentombi leyo esuke isiyihlonzile. Elinye igama lezinkomo zamalobolo, kuthiwa amabheka. Ngokwemithetho yesizwe sakwaZulu kuba yizinkomo ezingu-11. Kuyenzeka sehle kancane isibalo uma intombi isizele ingane yomunye umuntu ongayithathanga, bese kuboniswana.
USolwazi Jabulani Maphalala, ongungoti kwezomlando nezamasiko esintu, uchaze kabanzi ngomsuka walesi sibalo. UMaphalala uthe ekuqaleni uma insizwa isifuna ukuganwa ivuse umuzi kayise, ibithumela abakhongi baxoxe nabakubo kwentombi, bese ikhipha izinkomo enazo.
“Bekubizwa ngokuthi yisinxephezelo somzali ngoba uhanjelwe yindodakazi iya komunye umuzi. Noma ngabe ngumuntu ongenalutho kodwa ubekhipha lokho anakho aganiselwe ngoba bekubekwa phambili ukwakha imizi,’’ kuchaza uMaphalala.
Uthe uma insizwa ishoda kakhulu ibikhipha enakho bese kuthiwa umkhwenyana yisigodo sokuxebula sikababa wentombi, okusho ukuthi uma edinga okuthile useyothinta umkhwenyana amsize.
Uthe indaba yonakale ngokufika kwabelungu, bashaya imithetho emisha yokuganiselana kwabantu. Uthe kwakukhona umlungu okuthiwa nguTheophilus Shepstone, owayebuye ateketiswe ngoSomtseu kaSonzica, owayengunobhala kusukela ngo-1845 kuya ku-1877. UMaphalala uthe nguyena uShesptone owashaya umthetho welobolo.
UMaphalala uthe uSheptone wathi akuphele ukuthi umuntu akhiphe lokho okungangamandla akhe kodwa akube nesibalo esibekiwe.
“Uthe esuka wathi umuntu phaqa (umuntukazana) kufanele akhiphe izinkomo ezingu-11 eyodwa kuzona ibizwa ngenquthu noma yinkomo kamama wentombi. Uma kuyingane yenduna kufanele izinkomo zibe wu-15 kanti uma kuyingane yenkosi ziba wu-20 bese ezengane yeSilo zisuke kweziwu-20 ziye phezulu,’’ kuchaza uMaphalala, ngezinkomo zokulobola.
Uqhube wathi umthetho waphasiswa wase ubhalwa phansi, abantu baqhubeka nawo njalo kuze kube yimanje njengoba usekhona. UMaphalala uthe isizwe siqhuba ilobolo ngaphansi komthetho okungewona owamaZulu kodwa owabekwa ngabelungu. Usolwazi uthe kufanele ludingidwe udaba lwelobolo futhi iSilo kumele sibize imbizo yesizwe.
“Kuqala bekuthi uma kukhona udaba oluthinta isizwe ingonyama ibibiza imbizo, itshele amakhosi eze nabantu bawo. Kuyothi uma befika bahlale bathi shaye, bese kuvulwa udaba abantu bonke banikwe ithuba lokuphawula. Bekuthathwa imibono ehlukene bese ingonyama ibeka izwi lokugcina eliwujuqu,’’ kuchaza uMaphalala.
Wengeze ngokuthi kwaba yiphutha ukuthi uma kungenwa embusweni wentando yabantu, uZulu ungahlali phansi ulungise lolu daba. Wathi njengoba seluze lwathintwa, akufanele luyekwe. Kufanele kuhlalwe amagqozo kulona, kufikwe esiphethweni.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana babonakale bethinteka ngesiphakamiso seSilo, bathi kufanele kuxoxwe ngempela ngelobolo.
USibusiso Mdletshe uthe lokhu kungenye yezinto ezamukelwa njengesiko kodwa kube kungelona.
“Kufanele impela ibhekisiwe lento ngoba sayemukela emuva kokuthi siholelwe ophathe sacabanga ukuthi wusiko lwethu kanti cha,’’ kusho uMdletshe.
UMazwi Nyawose uthe lokhu kwakuyiqhinga likaShepstone ngoba wayazi ukuthi wenzani.
“Nayo lena yokuthi uShepstone alenze libe yizinkomo eziwu-11 ngoba wayefuna amadoda angaganwa kodwa ahambe ayosebenzela abelumbi, kuyofanele ibe seqhulwini leyo,’’ kuphawula uNyawose.
OkaMagegeba ke Lo uthe iSilo ngabe sishaye into ecokeme kakhulu uma singaxazulula inkinga yelobolo.
“Yebo, alikho inani elibekiwe lokudayisa umuntu kodwa ngumcindezeli owabeka lo mthetho kuyacaca ukuthi namanje usabusa noma sewaba mathambo amhlophe. ISilo siyobe sisebenze omkhulu umsebenzi uma sibuyisela ilobolo endleleni eyayilandelwa kudala. Silinde ngamehlo abomvu wena wendlovu !! wena wendlovu !! Bayeeeeethe,’’ kusho u-Okamageba Ke Lo.
Kanti uNkosinathi Zipho Mchunu, uthe leso sinqumo sakomkhulu kuyofana nokuthi sisusa imigoqo ekhona evimba ukuganana kwabantu.