LUZOLALELWA ngasekupheleni kuka-Ephreli 26, udaba lombango wobuholi beNFP, eNkantolo eNkulu eMgungundlovu. Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo othembekile ukuthi uhlangothi lweNFP olwachithwa yinkantolo, luyasedlulisa isinqumo. Inkantolo yachitha ubuholi beNFP obabukhethwe engqungqutheleni ngoDisemba 2019, oLundi.
Ingqungquthela eyayisoLundi yahlala kunombango, kwakukhona nolunye uhlangothi olwaluthi luhlalisa eyalo ingqungquthela eFree State. Udaba lwangena enkantolo kwaphuma isinqumo sokuthi ingqunqguthela yasoLundi, yayingekho emthethweni. Ingqungquthela eyachithwa yayikhethe ongasekho uNkk Zanele kaMagwaza-Msibi, imbuyisela kwesikamengameli. Nakuba wayesaphila uNkk kaMagwaza-Msibi kodwa kwase kumhlabile ukugula okugcine kumnqoba ngo-2021.
Kwesephini lakhe kwakukhethwe uMnuz Jeremiah Mavundla, kwesikanobhala jikelele kwakukhethwe uMnuz Canaan Mdletshe. UNksz Kelly Baloyi waqokwa njengephini likanobhala, kwathi kwesikasihlalo kwaba nguMnuz Bhekithemba Dlamini, iphini likasihlalo kwaba nguMnuz Mzwakhe Sibisi, kanti uMnuz Phindavele Sikhosana, wayekhethwe kwesikamgcinimafa.
Inkantolo yachitha lobu buholi ngoba ithi bakhethwa engqungqutheleni eyayingekho emthethweni. Emuva kwalokho iNFP isebenze ngohlaka lwesikhashana, nakhona kwaba nezinkinga zombango. Umthombo uthi udaba luyabuyela enkantolo ngoba laba abahlulwa bayalwedlulisa.
“Bafaka isicelo sokwedlulisa isinqumo senkantolo esizolalelwa ngo-Ephreli 26 enkantolo, asazi noma bazolithola igunya lokudlulisa icala. Kukhona necala elifakiwe ngoba kukhona osaqhubeka nokuzibiza ngomholi ekubeni wachithwa yinkantolo,’’ kuchaza umthombo.
UMdletshe weNFP ebuzwa ngalokhu wale waphetha ukuphawula kodwa akangaphika futhi akangavuma ukuthi udaba luyangena enkantolo. Omunye okwiNFP ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uqinisekisile ukuthi udaba luyangena enkantolo.
Ngaphandle kombango wobuholi kukhona nolunye lapho iNFP imangalelwe yilungu layo ePhalamende uSibisi (Mzwakhe) ngokuzama ukumkhipha esikhundleni. Inkantolo isasigodlile isinqumo kulolo daba.
Kwenzeka konke lokhu nje, Isolezwe ngeSonto lisanda kubika ngokudingiswa kweNFP, ngemva kokuthi inhlangano yokhetho i-IEC, ihoxise ukuyixhasa ngemali. Abe-IEC bakhala ngokuthi iNFP ayiwalethile amabhuku ezimali acwaningiwe.