LUYINZUKAZIKEYI udaba lodokotela abangamathwasa okuthiwa umnyango awubafakanga ezibhedlela ukuze baqeqeshelwe umsebenzi ekubeni kade uthe ukwenzile.
Udaba, oluphume komunye umthombo wezindaba obhala izindaba zezempilo kuphela, luthe nakuba uMnyango wezeMpilo kade umemezele ukuthi odokotela abangamathwasa abazoqeqeshwa ngonyaka ozayo sebefakiwe ezikhungweni zezempilo kodwa kusenabangu-182 abasale ngaphandle kulolu hlelo.
Kuthiwa kulabo dokotela kubalwa ama-Radiographer, ama-Physiotherapists, ongoti bezokudla, odokotela bamazinyo nama-Environmental health Practitioners.
Kusukela ngo-1998 eNingizimu Afrika odokotela, osokhemisi abebefundela iziqu zabo baphoqelekile ukuthi benze uqeqesho-msebenzi emtholampilo noma esibhedlela sikahulumeni unyaka owodwa noma emibili ngaphambi kokuthi bathole iziqu zabo.
Isitatimende seSouth African Committees of Dental Deans (SACDD) sithe ukwehliswa kwesabelomali kudale ukukhathazeka okukhulu ngekusasa lokunakekelwa kwezempilo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
Uziphendulela kulokhu uMnyango wezeMpilo, uthumele isitatimende uthi kukhona ukushoda kwezinye izindawo kodwa umnyango uyalulungisa udaba, wathi ngokwazi kwawo odokotela okusadingeka ukuthi batholelwe izikhala odokotela bamazinyo abayisishiyagalombili, ongoti abeluleka ngokudla ukudla okunempilo abayisishiyagalombili, ama-physiotherapist angu-38 nama-Enviromental Health Practioners angu-118.
“Ukushoda kwezinye izindawo kubhekwana nako ngokushesha,” kugcizelela umnyango.
Uqhube wathi uthole izicelo zabasebenzi bezempilo abangu-10 386, kuzo bangu-9 395 asebetholelwe izikhala.
Uhlelo lokufakwa ezikhungweni kwabafundela ubudokotela sekunesikhathi lubhekene nezinkinga. NgoJulayi kuwo lo nyaka izitshudeni okwakumele zingene kulolu hlelo zihlangabezane nenkinga ngenxa yokushoda kwemali yokuzikhokhela.