KUSENZIWA uphenyo olunzulu ngezezimali ecaleli elithinta ukubulawa komrepha uKiernan "AKA" Forbes, nomngani wakhe uTebello "Tibz" Motsoane.
Lokhu kudalulwe nguMshushishi u-Advocate Lawrence Gcaba, ngesikhathi ebeka izizathu zokuthi kungani icala kumele lihlehliswe futhi.
Unxuse inkantolo ukuba ikuvumele ukuhlehliswa kwalo. Kuvunyelwane ngokuthi libuyele enkantolo ngoNovemba 29, kuwona lo nyaka.
Kuleli cala kuboshwe abasolwa okunguMnuz Lindokuhle Mkhwanazi, Mnuz Lindani Ndimande, uMnuz Eddie Myeza, Mnuz Mziwethemba Gwabini, noMnuz Lindokuhle Ndimande.
"Kunolunye uphenyo oluthinta ezezimali kuleli cala okusamele lubhekwe kabanzi. Uma sekuphinde kubuywa siyethemba ukuthi lolu phenyo luzobe seluphothuliwe,'' usho kanje.
Ubalule nesizathu sesibili sokuthi kumele bazi ukuthi kwenzakalani eNkantolo yeMantshi yakwaManzini, eSwatini, lapho okuvela khona izelamani zakwaNdimande, uMnuz Siyabonga "Gezani" Ndimande, noMnuz Malusi Ndimande nabo abangabasolwa.