KULINDELEKE ukuthi kushunqe uthuli namhlanje ePhalamende, uma sekuqala isigcawu esijutshwe ukuba siphenye ukuthi ngabe uMengameli uCyril Ramaphosa, uyathinteka ekugqekezweni kwepulazi lakhe eliseLimpopo.
URamaphosa ungaphansi kwengcindezi yokuthi asule emsebenzini kusukela ngesikhathi evulelwa icala ngowayengumphathi wezinhloli, uMnuz Arthur Fraser, emsola ngokufihlela amaphoyisa isigameko sokugqekezwa kwepulazi lakhe elaziwa, ngePhala phala.
Isigcawu sasePhalamende esiholwa ngowayengumahluleli omkhulu, iJaji Sandile Ngcobo, sizoqala uphenyo lwaso namhlanje. Isimemezelo senziwe yiPhalamende, ngoMsombuluko ebusuku.
“Isigcawu sizonikezwa izinsuku ezingu-30 ukuba siphothule umbiko waso,” ngokwesimemezelo esikhishwe iPhalamende.
Isigcawu sasungulwa ngemva kokuthi umholi we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula, efake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaRamaphosa, ngemva kokuvulelwa icala.
Encwadini efungelwe uFraser usola uRamaphosa ngokufihlela amaphoyisa ngesigameko sokugqekezwa kwepulazi lakhe esenzeka ngo-2020. UFraser wenza izinsolo zokuthi izigebengu zashaya zachitha nemali engu-6 million wamadola aseMelika. Kuthiwa abasolwa bashaywa, baphucwa enye yemali ngaphambi kokuthi bafumbathiswe ukuze bavale imilomo.
Isimemezelo senziwe ngemva komhlangano wamalungu ekomiti obungoMsombuluko. Emhlanganweni wamalungu amaqembu aphikisayo asola usomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ngokuzama ukuvikela uRamaphosa. Amaqembu asola usomlomo nangokuthi uzama ukubambezela ukuqala kwesigcawu.
Kulindeleke ukuthi isigcawu silalele ubufakazi obuqhamuka kubantu abehlukene ngaphambi kokuthi siphume nesinqumo. Uma umphumela wophenyo uphakamisa ukuthi kumele uRamaphosa aphendule ngesigameko sasepulazini, lokho kungaphendla indlela eya ekukhishweni kwakhe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe.
UZungula namanye amaqembu aphikisayo bafuna uRamaphosa akhishwe ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe. Bathi umengameli wephula umthetho ngokungavuli icala emaphoyiseni.
Ngokusho kukaRamaphosa, wabikela umphathi wamaphoyisa oyingxenye yabaqaphi bakhe. UZungula uthi lokho okwenziwa uRamaphosa kuphambene nomthetho.
“Umthetho ukubeka kucace ukuthi icala kufanele libikwe esiteshini samaphoyiseni. Njengoba ingekho inombolo yecala elavulwa ngokugqekezwa kwepulazi likaRamaphosa, lokho kukutshela ukuthi isigameko asizange sibikwe emaphoyiseni.”