ZIYABHIMBA izinhlelo ze-ANC zokuketula iMeya kaMasipala waseKurhuleni njengoba kubonakala sengathi awekho amaqembu ayesekayo kulokhu.
Ngeledlule, i-ANC yafaka isiphakamiso sevoti lokungabethembi ubuholi bemeya uTania Campbell elizokwenziwa ngomhla ka26 kwephezulu.
UMasipala waseKurhuleni, uholwa uhulumeni wokubambisana njengoMasipala waseGoli. Emasontweni ambalwa adlule, kwakhishwa iMeya yeDA eGoli uMpho Phalatse ngevoti lokungamethembi. Ngemuva kwaleli voti, kwavotelwa uMnuz Sello Dada Morero njengozothatha izintambo eGoli. Yize isaqhubeka impi yokulwela isihlalo semeya, njengoba uMpho Phalatse ekubeke kwacaca ukuthi uzolwa kuze kube sekugcineni ngoba okwenzeka ngesikhathi ekhishwa kwakungekho emthethweni, i-ANC iyaqhubeka ngokucuthela abanye omasipala njengoba isigadla eKurhuleni.
Ngemuva kokuvela kwezindaba zaleli voti laseKurhuleni, amaqembu ahlukene abonisa ukuthi azowuvikela lo masipala.
Ngokwesitatimende esikhishwe uBongani Baloyi ongusihlalo we-ActionSA eGauteng, asibamangazi isinqumo se-ANC sokufuna ukukhipha imeya ngemuva kwalokhu okwenzeke kuMasipala waseGoli.
“I-ActionSA ikholwa wukuthi ukuhola ngokubambisana kumele kubhekwe ngeso elibanzi ukuze kuqinisekiswe ukuthi kunozinzo kwizakhamuzi eziholwa ngale ndlela,” kusho uBaloyi ngesitatimende.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthe yize engumngani kaMnuz Mzwandile Masina, lokhu ngeke kuyisebenzele i-ANC. Ngeke asebenzise ubungani babo ukuze avote nabo
UMalema usho lokhu engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha be-EFF esifundazweni eWestern Cape ngoMgqibelo
The EFF will never vote with the ANC in Ekurhuleni, says Julius Malema.
— Athi Mtongana (@AthiMtongana) October 15, 2022
Malema says he might be friends with Mzanwandile Masina but this will not change his political stance.#Newzroom405 pic.twitter.com/Cmhvm6lVT3