UZOFAKA isimangalo eNkosini umndeni wakwaPhiri, KwaCele, eMandawe ojikiswe kule ndawo sewufikile nesidumbu kukhalwa ngokuthi awukwazi ukungcwaba endaweni ongasahlali kuyona.
Lo mndeni ubusuka eGolokodo, eFolweni, lapho osuzinze khona.
Ngokuthola kweSolezwe lo mndeni uhlangabezane nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili ngesikhathi umphakathi ubaxosha sebefikile nesidumbu.
Kuvela ukuthi bebefike nesidumbu sikaMnuz Sandile Phiri (30) oshone ngeledlule ngemuva kokugula. Uze wangcwaba ngakusasa endaweni abathe abathandi ukuyidalula.
Owomndeni okhulume neSolezwe ocele ukuba ligodlwe igama lakhe uthe umndeni unenxiwa eMandawe.
Uthe lolu daba bahlela ukuyolibika enkosini. ‘’’Sizoluyisa enkosini lolu daba ngoba lusiphethe kabi,’ kusho owomndeni.
Uthe sekuphele isikhathi eside benaleli nxiwa, uthe inkinga yonakale ngokuthi kudlule amhlabeni umalume wakhona okunguyena obehlala khona kwasala kungenamuntu.
Uthe kodwa kuyinto eyaziwayo ukuthi inxiwa ngelakwaPhiri. Uma elandisa uthe kushone umufi bangabuza lutho bahamba bayomba ithuna ngayizolo ukuze angcwatshwe ngakusasa.
"Lokhu besikwenza ngoba siyazi ukuthi yinxiwa lakwaPhiri. Besingazi ukuthi kanti kukhona abantu abaxakwa ukuthi asisahlali khona futhi lokho bakubona kuyisono,'' usho kanje.
Uthe okubashiye bedidekile ukuthi kungani bengazange babamise ngayizolo ngesikhathi bemba umgodi kodwa babalinda bafika nesidumbu ngakusasa.
"Ukuba kukhona abebefuna ukuthi bakusho ngabe kube ngcono kakhulu ukuba bakusho ngayizolo ngesikhathi bebona kusambiwa umgodi. Manje kusixakile ukuthi basilinde size sifike nesidumbu,'' usho kanjena.
Uthe kube yisigameko esibe buhlungu kakhulu saphinde sanezela usizi phezu kolunye emndenini.
"Bengiqala ngqa empilweni yami ukubona abantu bephindiswa emuva nesidumbu. Indlela okwenzeke ngayo ibithusa kakhulu. Indlela abantu bakuleya ndawo ebebengafuni ngayo ukuthi kungcwatshwe ibishiya imibuzo,'' usho kanje.
Ithintwa iNkosi yakule ndawo, uMnuz Cele (elingatholakalanga igama lakhe), uthe umthetho wendawo, uthi umuntu ongcwaba khona ohlala khona ngokugcwele.
Uthe kodwa alukho udaba olufuze lolu oolufinyelele ezindlebeni zakhe.
''Ngizozama ukuxhumana nezinduna ngithole ukuthi kwenzekeni,'' usho kanje.
Ngokujwayelekile uthe izinkinga zalolu hlobo kuye kubhungwe ngazo emihlanganweni yangoLwesine.
Uthe mhlawumbe nalolu daba luzofinyelala kubona bese lubhungwa emhlanganweni.