LUZOVUMBULULA konke okwenza ukuthi kubize ukudla uphenyo lweCompetition Commission oluqale kule nyanga.
Inhlangano ebhekelele ukuncintisana okuhle eNingizimu Afrika inqume ukwenza uphenyo mayelana nokubiza kokudla okutshalwayo emuva kokubona ukuthi lolu hlobo lokudla lumba eqolo.
Kulindeleke ukuthi luveze ukuthi yini eyenzekayo kusukela lezi zitshalo zisuka emapulazini zize ziyofika ezitolo.
Kuzobhekwa ukuthi yiziphi izingqinamba ezenza abanye abalimi bangakwazi ukungena emakethe.
Kuzogxilwa kakhulu ezitolo nasemafemini akhiqiza ukudla njengoba kuvela ukuthi abalimi nabo bayaxakeka uma ukudla sekumba eqolo ezitolo.
UMnuz Mervyn Abrahams wenhlangano eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group (PMBEJD), uthe bayalwamukela uphenyo lweCompetition Commission ngoba nabo kubaphethe kabi ukuthi ukudla kunyuka nyanga zonke.
Uncome iCompetition Commission ngokuqala ngokuphenya ukudla okukhiqizwa ngabalimi ize iyofika ezitolo, ethi lokhu kuzovumbulula kahle ukuthi yini eyenzekayo ngesikhathi ukudla kusuka epulazini kuze kuye ezitolo lapho kusuke sekubiza imali eshisiwe.
“Ukudla kuyabiza, okusixakayo wukuthi ngisho impuphu, imifino, inyama nokunye ukudla kumba eqolo.
“Kuyasixaka ukuthi yini impuphu inyuke ngo-28% njalo ngonyaka ekubeni abalimi bekhiqiza umbila omningi ezweni lethu? Kuyimanje igilosa yomndeni isibiza uR4 928.34, yisimo esibi kakhulu lesi,” kusho u-Abrahams.
Uthe unethemba lokuthi uma iCompeition Commission isiphothule uphenyo lwayo, intengo yokudla izokwehla ngoba nase-United Kingdom, kuke kwaba nophenyo olufuze lolu, okwathi seluphelile intengo yokudla yehla.
Uveze ukuthi nangesikhathi amafutha okupheka emba eqolo,Isolezwe lamthinta lathumela nezithombe zamafutha kuyena, wase ezidlulisela kwiCompetition Commission, yaphenya zase izitolo zibonakala ziyehlisa intengo yamafutha.
Uphethe ngokuthi yize abezitolo nabalimi bekhala ngokuthi ukunqamuka kukagesi nokunyuka kukaphethroli kunomthelela ekubizeni kokudla kodwa lokhu akusho ukuthi kumbe eqolo ngendlela osekuyiyona.