LUTHANDA ukuba yinkinga udaba lwemiphumela yophiko lwabesifazane be-ANC, abakade benengqungquthela ngempelasonto. Ingqungquthela obekumele iqale ngoLwesihlanu, igcine iqala ngoMgqibelo kwaze kwaba wuMsombuluko.
Umthombo weSolezwe Online osondelene nalolu daba uthi njengamanje kulindwe isinqumo se-ANCWL ezingeni likazwelonke. Okuphinde kwashayisa amakhala ngemiphumela wukuthi nophiko lwabesifazane eGauteng kade lukhetha njengoba kukade kukhethwa naKwaZulu Natal.
Kumangazile ukuthi i-ANCWL ezingeni likazwelonke kanjalo noNobhala we-ANC bahalalisele kuphela iGauteng, ekubeni naseKZN seyiphumile imiphumela. Lokhu kuphinde kwacacisa ukuthi ikhona inkinga ngemiphumela.
“Empeleni kunamalungu angu-27 alandele yonke imigudu ayenza, akwazi ukuvota nokuba yingxenye yengqungquthela kodwa kutholakale ukuthi amagama awo aphinde angabe esatholakala, kwavunyelwana ngokuthi udaba lwawo luzolungiswa, okuyinto egcine ingenzekanga, kwaze kwaphuma imiphumela.
Kube sekuvunyelwana ngokuthi baphinde banikwe ithuba lokuvota kodwa bebengakalitholi ngenxa yezinxushunxushu ezibe khona,”kusho umthombo ongathandanga ukuthi kudalulwe igama lawo.
Amalungu e-ANC abehamba phambili kulolu khetho wuSotswebhu we-ANC ePhalamende uNkk Pemmy Majodina noNkk Midred Olifant.
Imiphumela ekhona ithi uNkk Nonhlanhl Khoza wuyena ophumelele okhethweni ehlula uNkk Bongi Sithole-Moloi ngamavoti amathathu.
Isolezwe Online lizamile ukubathola oNkk Majodina no-Olifant kodwa lahluleka.