BAVUKWA wumunyu abazali bezingane zasezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal, obekufanele zibuyele ezikoleni kepha kazikho ngenxa yokuthi zibulewe ngesikhathi samaholidi.
Omunye umzali ofikelwa wusizi uNksz Nonhlanhla Magwaza, utshele Isolezwe ngobuhlungu abuzwayo ngoba izolo abafundi bebegcwele izitaladi, begqoke imifaniswano belibangise esikoleni njengoba bekuwusuku lokuqala onyakeni omusha.
UNksz Magwaza uthe uzwa ubuhlungu obuphindiwe ngoba yisikhathi sokuvulwa kwezikole. Wathi umfana wakhe osanda kudlula emhlabeni uSfundo Sibisi (8), bekufanele abuyele esikoleni izolo.
Indodana yakhe ebifunda eMthala Primary, KwaNdengezi, beyenza uGrade 2, kulo nyaka beyizokwenza uGrade 3. Kosolakala ukuthi uSfundo wabulawa nguyise ngokumklinya ngentambo, umzimba wakhe watholakala esikhotheni ngoLwesihlanu olwedlule.
FUNDA NALOLU DABA: Bangavinjwa abafundi abangasigomelanga isimungumungwane: umnyango
Kusolwa ukuthi uyise ongumsolwa ukwenze lokhu ngoba engavumi ukwamukela ukuthi yena nonina kamufi sebehlukene, kulandela ukumala esikhathini esingangonyaka esedlule.
“Ngendlela ebese silungiselele ngayo usuku lokuvulwa kwezikole nendodana yami, umfaniswano bese uthengiwe naye ekubheke ngabomvu ukuyofunda uGrade 3,’’ usho kanje uNksz Magwaza.
Uthe indodana yakhe ibinesifiso sokuba ngumshayeli wamabhanoyi okuyinto engeke isenzeka.Ngale kokubulawa kukaSfundo, kube wundabamlonyeni ukubulawa ngesihluku kukaPhilasande Shange, waseNtshawini, KwaDukuza. Waduka ngoJanuwari 5, ngesikhathi ethunywe esitolo ngelinye ilungu lomphakathi.
Umndeni wakhe wathola ucingo luvela kumuntu ongaziwa ebayalela ukuthi bazosithola kuphi isidumbu sakhe. Kuthe uma umndeni uyobheka lapho owawuyalelwa khona wathola ikhanda nomlenze kuphela.
Ezinye izingxenye zomzimba kaPhilasande, zisafuneka namanje.Muva nje, zidla lubi izigameko zokuduka kwezingane zitholakale sezishonile. Kwesinye isigameko ngoJanuwari 1,kunyamalale uSenamile “Aphula” Sphengane (6), eCato Manor. Isidumbu sakhe sitholwe esikhotheni ngakusasa, edlwenguliwe, waklinywa, wabulawa.
I-IFP Womens Brigade KwaZulu-Natal, izolo izwakalise ilaka layo ngesihlava sokubulawa ngesihluku kwezingane esifundazweni.
USihlalo we-IFP National Women's Brigade, uMntwana uPhumzile Buthelezi, uthe uPhilasande ungenye yezingane ezilahlekayo eNingizimu Afrika, bese kutholakala ukuthi zibulawe ngesihluku. Wathi beyi-IFP National Women's Brigade banxusa ukuthi abenzi bobubi banikezwe izigwebo ezinzima. Wathi ngeke benze sengathi izinto zihamba kahle ekubeni kunezehlakalo ezikhinyabeza abangakwazi ukuzilwela.
Umsunguli futhi ongumqondisi woThingo Crisis Centre, okuyinhlangano enakekela izingane uNksz Sbo Ngcobo, uthe kufanele kubuye ubuntu ebantwini. Wathi kumele umuntu nomuntu azi ukuthi noma iyiphi ingane ayibonayo, nahlangana nayo ingeyakhe uqobo.
“Abantu balahlekelwe wubuntu, baphelelwa ukwazisana, nokwazi ukuthi ingane yami, iyingane yakho nawe,” kusho uNksz Ngcobo.
Unxuse imiphakathi ukuthi isike iphethini kweminye imiphakathi eba nezimbizo lapho kushunyayelwa ivangeli lokulwa nobugebengu obufuze lobu. Wanxenxa abelaphi bendabuko ukuthi bakhuze umhlola wokulahleka kwezingane bese zitholakala sezicwiyiwe ngoba kukaningi kumayaniswa nabo lokhu.
“Abaphumele obala, bawukhuze lo mhlola,” kunxusa uNksz Ngcobo.